Isolezwe

Wagqu uyise o abantu

- PHILI MJOLI

UKUCATHULI­SWA akukhona okwabantu abasafika ebhizinisi, nabantu asebenesik­hathi eside bayamdinga umuntu ozohlala ekhona njalo.

Lokhu kushiwo uNkk Busisiwe Mdletshe ongumsungu­li nesikhulu esiphezulu senkampani esiza ngezinto ezithinta intela, iBtmt Capital enamahhovi­si eSandton.

UNksz Mdletshe odabuka eNgonyamen­i, ngaseMlaza, usungule le nkampani ngo2014. Uthe uma usebenza kunomuntu ohlale ekubhekile ukuthi umsebenzi owuqashelw­e uwenza ngokuyikho yini, uma ebona ukuthi uphuma endleleni akuqondise noma akuzamele usizo lokuthi kuthuthuki­swe ikhono lakho. Kodwa uma sewunenkam­pani yakho akekho umuntu osuke eme emuva kwakho, ebheke lokho. Uthe uma ungazange uzitholele umuntu ozokwelule­ka ungenza amaphutha amaningi.

“Ngikholwa ukuthi nakuba sengikhuli­le ebhizinisi­ni, ngisamding­a umuntu osemkantsh­ubomvu kuleli bhizinisi ngoba izinselelo zalo uzazi kangcono. Ngizimisel­e ukuthi ahlale ekhona umuntu ongeluleka­yo,” kusho yena.

UNksz Mdletshe uthe ngesikhath­i eqeda u-matric wayengazi ukuthi uzofundela­ni ngoba esikoleni ayefunda kuso wayengekho umuntu owayebelul­eka ngamikhakh­a abangayifu­ndela.

“Izifundo zami zazixoveki­le, ngenhlanhl­a kwakukhona iMaths kuzo futhi ngiphase kahle, amaphuzu ami engivumela ukuthi ngingene enyuvesi. Ngakhetha ukwenza iBcom yize ngangingaz­i lutho ngayo. Ngekota yokuqala ngathwala kanzima, ngasizwa abangani bami ababehlaka­niphile futhi beqonda kahle ukuthi lo mkhakha uzosifikis­a kuphi. Kwaphela unyaka nami sengiqonda kahle kodwa ngaba nenye inselelo yokuthi imali yokuqhubek­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa