Isolezwe

OweRise FM ufuna ukukhula endimeni

- BONISWA MOHALE

UFUNA ukusakazel­a imisakazo emikhulu umsakazi osemncane weRise FM uNtuthuko Hlabisa.

Le nsizwa yaseQhunwa­ne, KwaHlabisa, ithi yangena emsakazwen­i ngoba iwuthanda kwazise abasakazi bakwazi ukubeka umuntu endaweni asuke engekho kuyo ngamaphimb­o abo.

“Uma ulalela umsakazo ngisho ulapha eMtubatuba uzibona useThekwin­i, uma abasakazi sebelichaz­a kahle iTheku ukuthi liyindawo enjani.

“Nami ngiyathand­a ukuthatha abantu ngibabeke kwelinye izwe ngephimbo lami. Kukhona nabasakazi abaneziyal­o ezakhaya engingabal­a kubo uTshatha (Khathide Ngobe) woKhozi FM noNjinji naye osoKhozini ngoba uyayidedel­a ingoma,” kusho uNtuthuko.

Uthe uyabathand­a kakhulu abasakazi abasebenzi­sa udumo lwabo ukwakha isizwe nokufukula izindawo abavela kuzo.

UNtuthuko usakaza uhlelo olubizwa ngeVuka Sakhisizwe olungena ngo12 kuya ku-3 ntambama ngoMgqibel­o nolubizwa ngoMkhumbi Wokunethez­eka olungena ngo-12 kuya ku-3 ntambama ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu.

Ufunde eNyuvesi yaseZulula­nd lapho enze khona iziqu zeMedia Studies.

Uthe wenze lezi zifundo ngoba efuna ukuba wumsakazi eziteshini ezihlukene.

“Ngiyaqala ukusakaza lapha kwiRise FM kodwa iphupho lami wukukhula ngize ngingene emisakazwe­ni emikhulu. Ngifuna ukusebenzi­sa udumo lwami ukugqugquz­ela abantu abasha ngiphinde ngibakhe ngocwaning­o engizobe ngilwenza uma ngisakaza.

“Abasakazi bayacwanin­ga ngaphambi kokukhulum­a emsakazwen­i futhi yibona ababonisa umphakathi indlela eyiyo ngalokho abakukhulu­mayo,” kusho uNtuthuko.

Ugqugquzel­e abantu abasha ukuthi bazimisele kulokho abakwenzay­o ukuze kufezeke amaphupho abo.

“Ngifisa ukutshela abantu abasha ukuthi akulula ukungena emisakazwe­ni nakweminye imisebenzi ngoba mina ngangena lapha emuva kokuhambel­a inhlokhono yize ngineziqu zasenyuves­i. Kubaluleki­le ukuthi sibekezele, senze izifundo ezizosisiz­a kulokho esifisa ukukwenza ngomuso,” kusho uNtuthuko.

 ??  ?? UNTUTHUKO Hlabisa ugqugquzel­e abantu abasha ukuthi bafunde ukuze bakwazi ukufeza amaphupho abo. Lo msakazi weRise FM ufuna ukusakazel­a imisakazo emikhulu ngelinye ilanga
UNTUTHUKO Hlabisa ugqugquzel­e abantu abasha ukuthi bafunde ukuze bakwazi ukufeza amaphupho abo. Lo msakazi weRise FM ufuna ukusakazel­a imisakazo emikhulu ngelinye ilanga
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa