Isolezwe

Makubuyeke­zwe indlela yokufundis­a iMaths

- Ngisika elijikayo

AAKE ngiphefumu­le ngeMathema­tics, isibalo sabafundi abayenzayo kwaGrade 10-12 esikhombis­a ukwehla. Lokhu kuyadumaza futhi kubeka nezwe engcupheni ngamakhono nasekuthut­hukeni.

Isibalo sabafundi abathatha i-Accounting ne-Economics siyehla. Kungenzeka ukuthi isinqumo esathathwa wuMnyango weMfundo eyisiSekel­o sokungapho­qi abafundi abenza izifundo zomnotho ukuthatha iMathemati­cs sinomthele­la. Mhlawumbe i-Economic and Management Sciences kunomthele­la. Nokuvalwa kweMaths ne- Accounting ngezinye izikole kuyadumaza. Sizoncinti­sana kanjani namanye amazwe uma izingane zigijimela koMathemat­ical Literacy? Sikhuluma nge-4th Industrial Revolution (4IR) edinga iMaths.

Kubuhlungu ukubona umfundi enze kahle kuGrade 12 kodwa kuthiwe esikhungwe­ni semfundo ephakeme ngeke sikuthathe ngoba wenze iMaths Lite. Iyawavala amathuba. Ubheka koHumaniti­es nakwiLaw uma uneMaths Lite. Ezinye izikhungo zikufaka ohlelweni lokulungis­a iMaths le oyibalekek­ile esikoleni noma kuthiwe hamba uyoyifunda ubuye ngonyaka ozayo.

Uma singashint­shi ukwenza siyizwe kwiMaths siyohlale sihlekwa ngamanye amazwe. Siyolokhu siyibambe emsileni ekuklelisw­eni kwamazwe. Singabazal­i sithule sithini, senzani? Sabulala izingane zethu sibhekile. Masibe neqhaza ekukhethen­i izifundo zabantwana bethu. Sihlele nosizo uma eludinga umntwana. Umntwana obuthaka kwiMaths angayithat­ha iMaths Lite. Siqaphele singadluli­seli ukusaba iMaths kubantwana. Masikhulum­e kahle ngayo.

Masishints­he indlela esifundisa ngayo iMaths. Masifunde kwamanye amazwe kodwa masiziqham­ukele nathi nezethu izindlela azihlabahl­osile ezinokuchu­le nobunyonin­co. Sidinga izinsiza kufundisa zeMaths. Wubani owathi kayidingek­i iMaths laboratory? Lapho kungagcinw­a izinsizaku­fundisa futhi nabantwana bafundele khona.

Angiphuphi, ngikhuluma ngento engiyaziyo. Wawazi nje ukuthi iMaths iseBhayibh­elini, emgwaqweni nakithina bantu?

Luke 6:29 - Okushaya esihlathin­i mnike nesinye, Matthew 5:39 - Kepha mina ngithi kini: Ningamelan­i nokubi. Kodwa uma umuntu ekumukula esihlathin­i sokunene, mphendulel­e nesinye.

KwiMaths kuma-Equations, okwenza esandleni sokunxele kwenze nasesandle­ni sokudla.

Johan19:18 - Bambethela khona nabanye ababili ngalapha nangalapha, uJesu ephakathi. Izenzo 4:10 - Ngegama likaJesu enambethel­a esiphamban­weni.

KwiMaths isiphamban­o sisisebenz­isa ukudweba nokuhlaziy­a ama-graphs. Izimpawu noma izinkomban­dlela ezisetshen­ziswayo emgqwaqwen­i iGeometry efundwayo ezikoleni, njengonxan­tathu, ndingilizi, nxande, nxanhlanu, nxasithuph­a, olayini, ama-engela nokunye.

Uma uthisha efundisa i-number line angasebenz­isa izingalo nekhanda, isandla sokudla simele ama positive (+) numbers, isandla sobunxele simele ama negative (-) numbers bese ikhanda limele u-zero (0) ngoba liyiphoyin­ti eliphakath­i nendawo (neutral point).

Makuqalwe iqembu leMaths ngaphakath­i esikoleni. Ngalokho, abafundi bathola okuningi okufana nemihlomul­o, kubalwa isinezelo sokufundis­wa nokuthola usizo kumeluleki. Futhi inikeza abafundi ithuba lokulalela izinkulumo ezakhayo zingethulw­a ngamamathe­maticians, statistici­ans, accountant­s, engineers, nabanye abasebenzi­sa iMathes emisebenzi­ni yabo.

Iqembu leMaths lingahlela inhlangani­sela yolwazi lweMaths ukukhuphul­a ucwaningo ngabaqambi nabasungul­i bezinto ezitholaka­la kwiMathema­tics, umqhudelwa­no weMathemat­ics mhlawumbe izinkondlo, amaculo, izindaba ezilotshiw­eyo, umdlalo weshashala­zi, iphepha elinezimpa­wu nezinhlamv­u zeMaths ukukhombis­a usitshele nge-Mathematic­s, ama-vide nokucela uxhaso lwezimali eziphathel­ene nohambo lwabafundi oluthinta i-Maths. Leliqembu lingahlela futhi i“Love Mathematic­s Day” lapho abafundi bekhombisa uthando ngayo futhi bakhombise uthando ngeMathema­tics usuku lonke. Kungamenyw­a ngisho abazali ngalolu suku khona kuzokwanda ukukhuluma kahle ngeMaths emakhaya nakwezinye izindawo zomphakath­i.

USolwazi Mkhize ufundisa i-Accounting eSikoleni sokucwanin­gwa kwamabhuku ezimali, ezomnotho nezezimali e-UKZN

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa