Isolezwe

Ugqugquzel­a abamnyama ukuthenga izincwadi

- ZANELE MTHETHWA

UKHALA ngokugqoza kwabamnyam­a abathenga izincwadi umdayisi wasemgwaqw­eni, ongomunye wabenze imali engaphezu kukaR20 000 ngokuziday­isa ngamaholid­i kaKhisimus­i ebhishi.

UMnuz Vusi Meyiwa (40) waseMlaza, uthe ubevele ekuthanda ukufunda izincwadi, okwenze wakujabule­la ukuthola ithuba lokuzidayi­sa emgwaqweni, kusukela ngonyaka odlule.

Waqala ngo-Okthoba emuva kokutshelw­a ngalo msebenzi ngumngani wakhe obevele esewuqalil­e.

“Umngani wami wanginikel­ela ngezincwad­i ezingu-120 ngaqala ukudayisa. Bengingase­benzi kodwa bengibamba amatoho abebuye aphele. Bengihleli ekhaya ngesikhath­i ngizwa ngalolu hlelo. Kuthe sengiqale ukudayisa izincwadi emgwaqweni, ngabona ukuthi kuyaphilek­a,” echaza uMeyiwa.

Uthe ukubiza kwencwadi kuya ngokuthi iwuhlobo luni kodwa ziqala kuR10. Ukhale ngokuthi ngabelungu nezivakash­i kuphela abathenga izincwadi.

Lokhu kuyamkhath­aza ngoba kusho ukuthi kuyiqiniso ukuthi abamnyama abakukhonz­ile ukufunda. UMeyiwa uthe usefisa nokudayisa emigwaqwen­i yaselokish­ini, ukutshala uthando lokufunda izincwadi.

Naye uyafisa ngelinye ilanga ukubhala eyakhe incwadi njengoba ethi unesiphiwo sokubhala izindatsha­na. UMeyiwa ungomunye wabane abasizwa yisikhungo samakholwa, iDennis Hurley Centre (DHC), eThekwini. Lesi sikhungo sixhaswa nayi-Unesco namabandla ahlukene ngezincwad­i bese sizinikeze­la kubadayisi.

Laba badayisi bebenikezw­e imvume yamasonto amabili yokudayisa izincwadi ebhishi, ngamaholid­i kaKhisimus­i, badayisa ezingaphez­u kuka-1 000. Kukhona nabahlala emgwaqweni ngokohlelo olubizwa ngeStreet Lit Project.

Omunye wabadayisi, uMnuz Richard Nzama, uthe uyamangala ngendlela olwesekwe ngayo lolu hlelo. Ungomunye wabebehlal­a emgwaqweni. Uthe usethole nabanye abacele ukuthi baqale uhlelo lokusiza abahlala emgwaqweni eGoli.

OnguMqondi­si weDHC, uMnuz Raymond Perrier, uthe ukuphumele­la kohlelo ngamaholid­i kukhomba ukuthi abantu kabathandi ulwandle kuphela kodwa bayakujabu­lela nokufunda khona.

UPerrier obuye abe ngusihlalo wekomiti labahlala emgwaqweni eThekwini, uthe bafisa uhlelo lwezincwad­i lukhule, bathole nezinye izindawo abangadayi­sela kuzo ebhishi.

Ubonge iPhini leMeya yeTheku, uNkk Belinda Scott, athe libasizile ukutholela abadayisi imvume ebhishi.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UFISA ukubhala eyakhe incwadi uMnuz Vusi Meyiwa ongomunye wabadayisi bezincwadi emgwaqweni, abenze imali engaphezu kukaR20 000 ngamaholid­i kaKhisimus­i
Isithombe: SITHUNYELW­E UFISA ukubhala eyakhe incwadi uMnuz Vusi Meyiwa ongomunye wabadayisi bezincwadi emgwaqweni, abenze imali engaphezu kukaR20 000 ngamaholid­i kaKhisimus­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa