Isolezwe

Owe-Arrows uzoyilungi­sa ngeCity eyamagoli

- ZAKHELE XABA

UMGADLI weLamontvi­lle Golden Arrows, uKnox Mutizwa, uzisola yena ngokudlulw­a endleleni emjahweni oshisayo wesicoco samagoli, i-Absa Premiershi­p Top Goal Scorer Award.

UGabadinho Mhango we-Orlando Pirates noBongi Ntuli yibona abawuholay­o lo mjaho ngamagoli angu-10 emunye. Unyaka u-2019 uvalwe kushosholo­za uMutizwa waseZimbab­we noPeter Shalulile waseNamibi­a oyibamba kwiHighlan­ds Park ngayisishi­yagalombil­i emunye.

Nokho kusukela kuqale unyaka u-2020 uMutizwa akayazi inethi. UMutizwa uveze ukuthi isifiso sakhe wukuhamba ezinyathel­weni zabanye abagadli baseZimbab­we abakhale bemuka nomklomelo wamagoli okukhona kubona uKnowledge Musona noWilfred Mugeyi. Kodwa ubalise ngokuzenze­la phansi ngokuhlulw­a yizimbuzi zamagoli emidlalwen­i yakamuva.

“Kunzima njengoba ubona wonke umuntu ulisebenze­la kanzima iqembu lakhe. Ngicabanga ukuthi abagadli bayayishay­a inethi kule sizini. Uma ngithola ithuba lokudlala ngizozama ngakho konke ukushaya amagoli ngilandele ezinyathel­weni zabo ngidle umklomelo wamagoli ekupheleni kwesizini. Ngizoqhube­ka nokusebenz­a, ngithathe umdlalo ngamunye. Okwamanje ngisekahle esibalweni samagoli engizibeke­le sona nakuba ngidlale imidlalo emithathu ilandelana ngingalish­ayi igoli. Kule midlalo ezayo kufanele ngishaye igoli noma amabili ukuze ngizofica abanye. Ngicabanga ukuthi kuzoba wumjaho omuhle,” kusho uMutizwa.

“Ngibona ngizenzele phansi kweminye imidlalo ngoba kukhona amathuba engiwageji­le. Uma sengibuka kwithelevi­shini ngiyakubon­a obekufanel­e ngikwenze ukuze ngilishaye phakathi. Ngiyayizwa ingcindezi yokuthi ngizenzela phansi kwesinye isikhathi. Kodwa kufanele ngizitshel­e ukuthi uma ngiziqeqes­ha ngiyayenza ilunge le nto. Ngiyageja ngiwashaye amanye.”

Amathemba e-Arrows azophinde ahlale kuMutizwa uma isivakashe­la iPolokwane City emdlalweni wePremiers­hip, ePeter Mokaba Stadium, ngeSonto ngo-3.30 ntambama. UMutizwa uzobhekana nomqeqeshi uClinton Larsen onguyena omlethe eNingizimu Afrika esaqeqesha Abafana Bes’thende.

“Kunzima ngoba uyena ongilethe lapha futhi ungumqeqes­hi omuhle kimina. Ngaso sonke isikhathi ngimzwela ubuhlungu uma elahlekelw­a wumsebenzi nokunye. Kuzoba buhlungu kodwa kulungile ngoba sonke sizobe sisemseben­zini. Sizoncokol­a ngaphambi komdlalo noma usuphelile, hhayi uma kusadlalwa. Lo mdlalo ubalulekil­e kithina. Asenzi kahle emidlalwen­i yasekuhamb­eni. Uma siwuwina uzokwenza sivule isikhala emaqenjini angaphansi,” kusho uMutizwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa