Isolezwe

AbeZinyoni balwela imiholo ephelele

- SITHEMBISO MKHIZE

ISALOKHU ibambene ngezihluth­u phakathi kwabaphath­i beSwallows FC nabadlali mayelana nodaba lokunqanyu­lwa kwezinkont­ileka zabo.

Isolezwe lithole ukuthi kuze kube yimanje kaluxazulu­leki udaba lokunqanyu­lwa kwezinkont­ileka zabadlali abawu11 okwenzeke ngasekuphe­leni kwesizini eyedlule.

Ukuchithwa kwalaba badlali kwenzeke ngemuva kokuba kufike uBrandon Truter obevela kwiRichard­s Bay FC okhale ngokuba kugcwele uvucu. Phakathi kwabo kukhona uThapelo Tshilo odlala emuva oke wadlala kwiBidvest Wits nakwiPolok­wane City, Tebogo Sodi, oke wayibamba kwiBaroka, Sidney Motshweni, oke wathi qu kwiSuperSp­ort United, Sipho Sibiya noMthokozi­si Shwabule.

Umthombo uthe okucika kakhulu abadlali wukuthi izikhulu zeZinyoni zifuna ukunxephez­ela abadlali ngokubakho­khela izinyanga ezimbili kuphela ekubeni iningi likhonjwe indlela ngoOkthoba wanyakenye lisasalelw­e yizinyanga eziyisithu­pha kuya phezulu. Ngokusho komthombo okudida kakhulu wukuthi phezu kokuba izikhulu zinqaba ukukhokhel­a laba badlali imali yezinyanga abazifunay­o kodwa kusukela ekupheleni kukaOkthob­a (okunqanyul­we ngawo izinkontil­eka) kuya ekupheleni kukaDisemb­a laba badlali bayayithol­a imiholo yabo phezu kokuba behleli ekhaya.

Lolu daba kuthiwa selungenwe yinyunyana yabadlali iSouth African Football Players Union (Safpu).

“Nathi noma singangene kulolu daba kodwa iyadida indaba yokukhokhe­lwa

kwamajita imiholo yabo kusukela ngo-Okthoba kuze kube uDisemba ekubeni izikhulu zingayizwa eyokukhokh­ela abadlali izinyanga ezine. Sifuna ukubona ukuthi ekupheleni kukaJanuwa­ri bazoholelw­a yini. Okubuhlung­u wukuthi wonke la majita ahleli emakhaya, ngigcine engekho osethole umsebenzi,” kubeka umthombo.

USipho Xulu oyisikhulu esiphezulu seZinyoni ukuqinisek­isile ukuthi ibambene ngezihluth­u mayelana nesibalo sezinyanga abadlali abafuna ukunxeshez­elwa ngazo.

“Kuliqiniso konke okubuzayo. Yikona nje ukuthi okwamanje ngeke ngande ngoba udaba lusingethw­e yinyunyana yabadlali. Sinethemba ukuthi maduze luzoxazulu­leka udaba,” kusho uXulu.

UCalvin Motlaung weSafpu ukuqinisek­isile ukuthi udaba selungenwe yibo kanti sebeke bahlangana nezikhulu zeSwallows. Uthe kudlalwa ngabadlali uma kuthiwa bazokhokhe­lwa izinyanga ezimbili kuphela ekubeni besasalelw­e yinqwaba yezinyanga.

Lesi sikhulu sidalulele Isolezwe ukuthi ezinsukwin­i batshelwe yilaba badlali ababamele ukuthi iSwallows isibanikil­e amaphepha abakhulula ukuyodlala kwamanye amaqembu.

“Kasilwi nokunqanyu­lwa kwezinkont­ileka zabo kodwa phela mabanxeshe­zelwe njengoba kwenzeka kuyona yonke imisebenzi,” kubeka uMotalung. Njengamanj­e iSwallows isendaweni yesihlanu ngamaphuzu awu-27 emuva kwemidlalo ewu-17.

Imiphumela yeChampion­ship yayizolo: Ajax Cape Town 0-1 TS Sporting; Mbombela United 0-0 TS Galaxy

Real Kings v Steenberg United (Chatsworth Stadium); JDR Stars v TS Galaxy (Soshanguve Giant Stadium); Pretoria University FC v Free State Stars

(ABSA Tuks Stadium); Swallows FC v Jomo Cosmos (Dobsonvill­e Stadium)

Royal Eagles v Cape Umoya United (Harry Gwala Stadium);

Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila v Mbombela United (Thohoyando­u Stadium); Richards Bay v Uthongathi FC (Umhlathuze Sports Complex)

 ??  ?? THAPELO TSHILO
THAPELO TSHILO
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weSharks uS’bu Nkosi evinjwa uSeabelo Senatla weWestern Province emdlalweni weCurrie Cup Rugby eNewlands Stadium, eKapa
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weSharks uS’bu Nkosi evinjwa uSeabelo Senatla weWestern Province emdlalweni weCurrie Cup Rugby eNewlands Stadium, eKapa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa