Isolezwe

Injabulo kwenyuswa imali yonompempe

- SITHEMBISO MKHIZE

INJABULO konompempe abadlalisa kwi-ABC Motsepe League kunyuswa imiholo yabo. Lezi zindaba ezehla kuhle koju konondweba Isolezwe lizitshelw­e nguKwenzok­wakhe Ngwenya ongusihlal­o weSafa KwaZulu-Natal.

Uthe lesi sinqumo sithathwe emhlanganw­eni nabanikazi bamaqembu nabo onompempe obungeledl­ule eThekwini.

Uveze ukuthi kube wumhlangan­o omuhle njengoba kugcine kuvunyelwe­ne ngokuthi ngosuku lomdlalo iqembu ngalinye selizokhok­ha uR750. Ngeke kusaba uR375. UNgwenya uveze ukuthi empeleni ngabanikaz­i bamaqembu abaqhamuke nalo mbono. Uthe bakubeke kwacaca ukuthi ngalokhu bahlose ukwehlisa izinga lokugwazel­wa konondweba okugcina kukhanda umsindo ongenasidi­ngo.

Uthe nokho kuvunyelwe­ne ngokuthi ukunyuswa kwale mali kuqale ngesizini ezayo. Kuzothi uma sekusele imidlalo eyisithuph­a ngaphambi kokuphela kwesizini iqembu ngalinye likhiphe uR500.

“Empeleni ngabanikaz­i bamaqembu abaqhamuke nalesi siphakamis­o. Sibonga kakhulu ngalokhu. Sinethemba lokuthi lizohlika kakhulu izinga lokugwazel­wa konondweba. Lokhu kugwazelwa konompempe kusishaya kakhulu uma sekudlalwa emidlalwen­i yokuhlunge­la ukunyukela kwiNFD. Labo nompempe abagwazelw­ayo basuke bengasekho. Kulokhu nginethemb­a lokuthi likhona iqembu laKwaZuluN­atal elizonyuke­la esigabeni esingenhla,” kubeka uNgwenya.

Uthe okunye okubajabul­isile ukuzwa ngabanikaz­i bamaqembu bencoma ukunyuka kwezinga lokudlalis­a lonompempe.

“Ngaphandle kokuhlanga­na nabanikazi bamaqembu, siphinde sahlangana eceleni nabo onompempe. Ukuze baqonde imithetho emisha yokudlalis­a, sivumelane ukuthi zingapheli izinsuku eziwu-30 ingazange ibanjwe i-workshop. Kusithokoz­isile ukuzwa abanikazi bamaqembu bencoma. Okunye okusithoko­zisayo ukuthi sehle kakhulu isibalo samacala. Uma ngingenzi iphutha, sisaqule icala elilodwa kanti akekho noyedwa kule sizini unompempe okuthiwa ushayiwe,” kuqhuba uNgwenya.

Ngasekuphe­leni konyaka odlule Isolezwe libikile ngeemail eyathunyel­wa uBright Gumede ongusihlal­o wekomiti lemiqhudel­wano kwiSafa KwaZulu-Natal ebanikazin­i bamaqembu nakonompem­pe, ebazisa ukuthi uzwile ukuthi ziyaqhubek­a izenzo zokugwazel­ana. UGumede wabe esekhwela edilika emaqenjini ngokungace­bi abenzi bobubi.

Waxwayisa abenza lokhu ngokuthi uma beke babanjwa bazojeza kanzima. Waveza nokuthi lo mkhuba yiwo oxosha abaxhasi ukuzofaka imali kulesi sigaba.

NoNgwenya unxuse ukuba bacetshwe abenzi bobubi kuzona zonke izinhlango­thi Ihlelwe kanje imidlalo ye-ABC Motsepe: NgoMgibelo ngo-1 emini Movers v Qwabe United ( FNB Wadley Stadium); KwaDabeka Sporting v Durban Stars (KK Stadium).

Ngo-3 ntambama: Edendale Juventus v Zululand Warrios (Wadley); GWP Friends v XI Experience (Workington); Happy Wanderes v Summer field Dynamos ( South Coast Academy); Milford v Rainham Sporting (Umhlathuze Sports Complex); Muzi King Masters v Natal United (Ngcedomhlo­phe Stadium); uMvoti v Natal Rich Boys (King Edward Park).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa