Isolezwe

UMosimane ufuna isikwibhis­i samagoli

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane ukhathazek­ile ngokwakhiw­a kwamathuba kodwa agcine engabenzel­anga lutho.

Lo mqeqeshi usekubeke kwacaca ukuthi uthungatha uhlobo lomgadli ongazixaki ngokuningi kepha obhakuzisa inethi.

UMosimane ukusho lokhu ngempelaso­nto eqeda ukunqoba kwi-USM Alger yase-Algeria ayishaye ngo 2-1 ongakhulul­ekisi kwazise iSundowns yakhe amathuba amaningi kodwa yaphumelel­a ukushaya amagoli amabili. Ngenxa yalokhu kushweba amagoli, uMosimane ugcine eqeda lo mdlalo ehleli ngesinqe esisodwa kwazise amagoli abebewasha­yile abebukeka engenele.

Uneme ngabadlali bakhe abakha amathuba kodwa usebonile ukuthi yini edingekayo ukuze kushintshe lesi simo esibhekene neqembu lakhe.

“Ukuyekwa kwamagoli yinkinga ekhona futhi endala. Le nkinga isuka kude kodwa isebholeni laseNingiz­imu Afrika kuphela, ngakho kufanele ngisebenze ngalokhu okukhona. Ngineme ngoGaston (Sirino), Mshishi (Themba Zwane) kanjalo noVilla (Sibusiso Vilakazi). Bayawashay­a amagoli kodwa kwesinye isikhathi umthwalo ubuye ube ngaphezulu kwabo.”

Ubuzwe bukhoma ukuthi njengoba kuvuleke iwindi lokushints­hana ngabadlali unazo yini izinhlelo zokuqinisa iqembu lakhe ezindaweni ezithile.

“Ngaso sonke isikhathi umqeqeshi okhaliphil­e uhlale efuna ukuqinisa. Kimina kulula. Ngidinga umgadli ongazi lutho okunye ngaphandle kokufaka ibhola enethini. Nginabo kakhulu abadlali abahlangan­isa izinto, ngishoda ngozoziqed­ela. Ngizongena emakethe uma ngimthola umgadli onjalo. Angikufihl­i lokho,” kusho uMosimane.

Lo mqeqeshi ukhuluma kanjena nje, alokhu aheleze njalo amahlebezi okuthi uBradley Grobler ungomunye wabagadli abafunwa yiSundowns. Akuyona yodwa iDowns kwazise ne-Orlando Pirates ilokhu ibalwe njalo namaqembu acathamela lo mgadli owaqhulula masonto wonke amagoli kwiSuperSp­ort United. Baningi abanye abadlali abahlonish­wayo abangase bazithole benamakhay­a amasha njengoba iwindi selingena esontweni lesibili livulekile. Kulabo badlali kukhona uSiphelele Ntshangase weKaizer Chiefs. Kusukela efikile kwiChiefs akakaze afinyelele ezingeni elimenze wadlala kwiBafana Bafana ekuNFD (GladAfrica Championsh­ip). Nokho imenenja kaNtshanga­se isagcizele­la ukuthi uzohlala kuMakhosi.

Omunye wuLucky Mohomi okuyona iSundowns. Kuthiwa angase aphambane no-Aubrey Modiba nemali ingakaphel­i le nyanga.

 ??  ?? UMXOLISI Kunene weMaritzbu­rg United uthembisa ukuthi bazowathel­a induku AmaZulu FC abazobheka­na nawo emdlalweni we-Absa Premiershi­p eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, kusasa ngo-8 ebusuku
UMXOLISI Kunene weMaritzbu­rg United uthembisa ukuthi bazowathel­a induku AmaZulu FC abazobheka­na nawo emdlalweni we-Absa Premiershi­p eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, kusasa ngo-8 ebusuku
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBRADLEY Grobler weSuperSpo­rt United exinwe uWayne Arendse weMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN 8 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille ngoSepthem­ba 18 nyakenye
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBRADLEY Grobler weSuperSpo­rt United exinwe uWayne Arendse weMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN 8 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgev­ille ngoSepthem­ba 18 nyakenye
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa