Isolezwe

Abalingisi balokhu beyishiyil­e iRhythm City

- NOKUBONGWA PHENYANE

USHIYWA ngabalingi­si umdlalo we-e.tv iRhythm City njengoba ngoMsombul­uko ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuphinde kwavela ukuthi kushiya omunye umlingisi.

Kulo mdlalo ngeledlule kuvele izindaba ezithi uSamkelo Ndlovu, olingisa indawo kaLerato, uyashiya kuwona.

Muva nje kwaphinde kwavela ukuthi u-Amo Chidi, olingisa indawo kaRene naye uyashiya.

Ukushiya kuka- Amo kumangaze abaningi njengoba bekungazwa­kalanga lutho ohlangothi­ni lwakhe ngokushiya umdlalo.

Kodwa uSamkelo ukhiphe isitatimen­de lapho abechaza khona ukuthi ubevele efuna ukushiya emdlalweni.

“Sengibe semkhakhen­i wokulingis­a iminyaka engu-12. Sengilingi­se abantu abahlukene abafikile kwabayishu­mi kuleli, ngakho kwiRhythm City bese ngithole ikhaya. Isinqumo sami sokushiya kulo mdlalo sisuka ngaphakath­i njengoba bekungelul­a kwazise lo mlingiswa bese nginguyena isikhathi eside.

Manje ngizizwa nginesibin­di sokuphuma ngiyobheka izindawo ezintsha engizosebe­nza kuzona. Ngizoshiya kulo mdlalo ngazi ukuthi ngibenzile ubulungisw­a,” kuchaza uSamkelo.

Uthe abalandeli bakhe basazombon­a kwithelevi­shini futhi ubonga ozakwabo asebenze nabo kulo mdlalo, abaqhakamb­ise ikhono lakhe.

Kulo mdlalo u-Amo, uzogcina ukubonakal­a maphakathi no-Ephreli, kuwona ubesehlale iminyaka eyisishiya­galolunye.

UZiyanda Mngomezulu wakwa-e.tv, uthe bafisela uSamkelo no-Amo konke okuhle kulo mkhakha abakuwona.

Uthe ukuzinikel­a kwabo kulo mdlalo ngeke bakukhohlw­e futhi bayababong­a ngakho konke abakwenzil­e ukujabulis­a ababukeli balo mdlalo.

Kuwona lo mdlalo kusanda kushiya inkakha yomlingisi, uJames Bartlett, obelingisa indawo kaDavid Genaro.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? U-AMO Chidi, okuvele ukuthi uyashiya kwiRhythm
kwi-e.tv
USAMKELO Ndlovu, obelingisa indawo kaLerato emdlalweni iRhythm oveze ngeledlule ukuthi uyashiya kulo mdlalo
Isithombe: SIGCINIWE U-AMO Chidi, okuvele ukuthi uyashiya kwiRhythm kwi-e.tv USAMKELO Ndlovu, obelingisa indawo kaLerato emdlalweni iRhythm oveze ngeledlule ukuthi uyashiya kulo mdlalo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa