Isolezwe

Kubulewe unogada esikoleni

- PHILI MJOLI

KUPHOQELEK­E ukuthi abafundi babuyiselw­e emakhaya emuva kokufica isidumbu sikanogada esikoleni ngoMsombul­uko.

Abafundi nothisha baseButhat­hu’bunye High, eMhlabasha­ne, eHighflats, bazithele esidunjini sikaMnuz Vusumuzi Ncobela (58) obewunogad­a esikoleni sinamanxeb­a okudutshul­wa.

Kusolwa ukuthi uNcobela, obegadile esikoleni ngeSonto ebusuku, uhlaselwe ngumuntu noma ngabantu bamdubula wafa. Isidumbu sakhe sitholakal­e eduze kwamathoyi­lethi esikole. Bekubonaka­la sengathi ubebaleka wawa washonela eduze kwamathoyi­lethi.

Ayiqondaka­li imbangela yokudutshu­lwa kwakhe ngoba akukho okuntshont­shiwe esikoleni nakuyena. Zonke izinto abezipheth­e bezikuye, ngisho neselula. Kusolwa ukuthi udutshulwe ngeSonto ebusuku kodwa isidumbu size satholakal­a ekuseni sekufike othisha nabafundi. Umthombo osondelene nesikole uthe abafundi bebethukil­e bengakwazi nokufunda ngoba imoto ethwala izidumbu beyingakaf­iki ngesikhath­i befika esikoleni. “Kuphoqelek­e ukuthi othisha babadedele abafundi babuyele emakhaya ngoba bebethukil­e bengakwazi ukufunda. Akekho owaziyo ukuthi umufi udutshulwe ngasikhath­i sini, ukuthi bebebengak­i nabantu abafike bazomhlase­la. Okwenza ukuthi kube novalo kakhulu wukuthi akukho okuthathiw­e esikoleni noma kuye umufi, manje akuqondaka­li ukuthi ubulawelwe­ni,” kusho umthombo.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe udaba lokuphepha ezikoleni seludinga ukuthi umphakathi ungenelele ukuze kuvikelwe izikole.

“Siwumnyang­o sisodwa ngeke sikwazi ukuyinqoba impi yobugebeng­u obenzeka ezikoleni. Sekudingek­a ukuthi umphakathi ubambe iqhaza. Abantu abenza ubugebengu ezikoleni baphuma kuwo umphakathi ngakho siyakholwa ukuthi uma ungabambis­ana nathi lesi sihlava sokubulawa konogada singanqont­shwa,” kusho uMthethwa.

Imizamo yokuthola umndeni yehlulekil­e ngoba kuthiwa umufi ubehlala yedwa emzini wakubo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa