AbeSadtu bavale izikole bekhala ngomnyango
KUPHAZAMISEKE ukufunda nokufundisa ezikoleni zaKwaMpumuza, naseSweetwaters, eMgungundlovu, izolo ngesikhathi amalungu enyunyana yothisha iSadtu engena isikoleni ngasinye ekhipha othisha abangamalungu ayo.
Kume konke ezikoleni eSiyanda High, Shayabantu High, Msimude High, Laduma High, Nsika High, Mashaka Primary, Nobanda Primary, Bhekizizwe Primary naseTetelegu Primary.
Inqwaba yothisha abangamalungu eSadtu, lesiyingi sase-Edendale babuyele emahhovisi oMnyango wezeMfundo esifundeni saseMgungundlovu behambisa incwadi enohlu lwezikhalo kumqondisi.
Lawa malungu athi awazivalanga izikole futhi awamoshanga lutho kodwa abefika esikoleni aboleke amalungu awo abebezohamba nawo baye kumqashi ongafuni ukubalalela.
Izikole eziningi kuleya ndawo zigcine zivalwe ekuseni.
Omunye wabaholi beSadtu ongathandanga kudalulwe igama lakhe ephepheni uthe bazobuya bephindelela emahhovisi omnyango kuze kube umqondisi uyabalalela.
Uthe okuseqhulwini wukubuyiselwa emsebenzini kukathishomkhulu waseSweetwaters Primary ngaphandle kokubizelwa phambi kwesigcawu esiqondisa ubugwegwe.
“Sikhiphe othisha ezikoleni, ikakhulukazi labo esibamele sibacela basiphelezele siye kumqashi. Umqondisi uyasibalekela, uzivalela ehhovisi ngoba uyabona ukuthi wenza iphutha kwezinye izinqumo azithatha,” kusho umholi.
Othisha abangu-50 bezikole ezahlukene KwaMpumuza kuthiwa ngoLwesibili ekuseni bakhishwe ngoshova ngamaphoyisa kula mahhovisi.
Bafike bacula kakhulu, bacisha nogesi befuna ukunakwa kanti sebezithintele. Babizelwe amaphoyisa abakhiphele ngaphandle kwamahhovisi. Basonge ngokuvala izikole izolo, nebala benza njalo.
Izolo izikole zivaliwe abafundi babuyiselwe emakhaya ngaphandle kwaseSweetwaters Primary.
Isigungu esilawula isikole nabazali bavele bagada isango lesikole bala ukhasha ukuthi kungene abebevala izikole.
Abazali babafundi baseSweetwaters Primary bathi othisha abayisikhombisa abangamfuni uthishomkhulu abalwe izimpi zabo ngale kwesango lesikole. Labo thisha sebenikwe izincwadi wumnyango ezibabeka amacala okulova emsebenzini.
IPhini likaSihlalo wesigungu esilawula isikoleni eSweetwaters Primary, uNksz Ayanda Gcabashe, lithe isibami emphinjeni indaba yothisha abalwa izimpi zabo besebenzisa abafundi.
Uthe badideka uma sekukhona othisha abayisikhombisa abathatha izikhwama zabo bangena ezimotweni baphuma ngesango uthishomkhulu engakababingeleli.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi uthe kunezingxoxo eziqhubekayo phakathi komnyango nenyunyana.
Uthe akanayo imininingwane ngokuxoxwayo njengamanje.