Isolezwe

Bafuna ubulungisw­a ngendodana ebulewe

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI womfundi oneminyaka engu-17 waseMawoti, eNanda, ufuna ubulungisw­a ngokubulaw­a kwakhe ngesihluku, ehudulwa emgwaqweni ngentambo. UThabiso Matola (17), obefunda uGrade 11, wabulawa ngokushayw­a waze wahudulwa emgwaqweni ngabasolwa.

Lesi sigameko sokushaywa kwakhe senzeka ngoFebhuwa­ri 1 nonyaka, washona ngoFebhuwa­ri 4 esibhedlel­a. Izolo abasolwa bebevele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzum­a ngaleli cala. Icala libe selihlehli­selwa u-Mashi 11 nonyaka ukuze abasolwa bezofaka isicelo sebheyili. Unina walo mfundi, uNksz Nobuhle Matola, uthe abafisi abasolwa bededelwe ngebheyili njengoba bekholelwa ukuthi bayingozi.

“Siwumndeni asifisi abasolwa bephume ejele ngenxa yobuhlungu esibhekene nabo nesihluku okubulawe ngaso indodana yami. Siyakholel­wa nokuthi umphakathi uzoba sengozini ngenxa yalaba bantu,” kusho uNksz Matola.

Elandisa Isolezwe, uthe indodana yakhe yayiya esitolo ebusuku iyothenga ngesikhath­i ihlangana nabasolwa abazitshel­a ukuthi ingomunye umfana ohlala emgwaqweni owodwa nayo.

“Indodana yami bayibuza ukuthi ingabe inguyena lowo mfana ababemfuna. Ithe iphika yabe isishaywa yaze yagwazwa. Indodana yami yakwazi ukuza ekhaya yafike yabika. Umama nomunye bahamba beyofuna imoto ezoyihambi­sa esibhedlel­a. Babuya indodana yami ingasekho, sebeyiland­e endlini. Bayihudula emgwaqweni beyifake intambo. Baqhubeka beyishaya baze bayigwaza. Yashona esibhedlel­a emuva kwezinsuku,” kusho uNksz Matola. Uthe bewumndeni bayesaba njengoba bengazi noma bakhona yini abanye abantu abathintek­a ekubulawen­i kwendodana yakhe.

Ngokuthola kweSolezwe, umfana owayefunwa ngabasolwa ubesolwa ngokuntsho­ntsha impahla komunye umuzi endaweni.

Okhulumela amaphoyisa KwwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala. “Umfana oneminyaka engu-17 wagwazwa eMawoti, wayiswa esibhedlel­a wafika washona. Wayenamanx­eba umzimba wonke. Kwaboshwa abasolwa ababili abaneminya­ka engu-20 no-22, babhekene necala lokubulala. Sebevelile enkantolo, uphenyo lusaqhubek­a,” kusho uCol. Mbele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa