Isolezwe

Udedeliwe umakhelwan­e kwelokufa kwentombi nto

- SIMPHIWE NGUBANE

UBABEKAZI wentombi nto edlwengulw­e yabulawa KwaMolefe, eNquthu, ngoMgqibel­o, uthe umsolwa oboshiwe wazivumela ngokwakhe ukuthi wuyena obulele.

UNksz Jabu Buthelezi, uthe umsolwa ona-35 ongumzala kaNksz Nomvula “Juba” Buthelezi wafika ezoqalaza ukuthi kwenzakani egunjini okwakubula­we kulona umufi.

“Umsolwa uqhamuke wazozibhek­isa, ezenza umuntu ongazi lutho. Kuthe uma ephonswa imibuzo ngegazi elaligcwel­e ebhulukwen­i ayeligqoki­le, wagcina evumile ukuthi wuyena odlwengule wabulala uJuba. Ubizelwe amaphoyisa ambopha,” kusho uNksz Buthelezi.

Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseNquthu ngecala lokubulala. Icala lihlehlise­lwe uMashi 4 ukuze afake isicelo sebheyili.

Amaphoyisa athe azolinda umphumela wokuhlolwa kwesidumbu okuyiwona ozocacisa ngembangel­a yokufa kukaNksz Buthelezi.

Umsolwa uboshwe ngeSonto ekuseni, kwathi ngoMsombul­uko kwaboshwa owesilisa ongumakhel­wane odedelwe ntambana ngalo lolo suku ngoba amaphoyisa ethe akayamanis­eki naleli cala.

Ngobusuku besigameko kuthiwa umsolwa ubonwe ngunina egqoke ibhulukwe ebeligcwel­e igazi ngaphambil­i kodwa wanganaka ngoba ubezitshel­a ukuthi mhlawumbe ubelwa wathelwa yigazi njengoba bekunomcim­bi

UNksz Buthelezi ulandise ngokwenzek­a, ethi kwakubuswa emndenini ngoMgqibel­o kunomcimbi wokugcagce­lwa kwelungu lomndeni kwayise omncane endaweni.

Uthe ebusuku ngabo-9 emva komcimbi umufi uhambe namalungu omndeni amabili, baya esitolo.

“Babuye bahlukana ngezindlu abalala kuzona, kwathi uJuba eseya egunjini alala kulona nonina wahlaselwa wumsolwa owamklinya wabe esemhudule­la endlini engurawond­i, wafike wambeka embhedeni maqede wamdlwengu­la kuyona wabe esembulala,” kusho uNksz Buthelezi.

Uthe ngeSonto ekuseni ngo-9 uJuba wayengabon­wa emagcekeni akwabo, baqala bamthungat­ha bengamthol­i.

“Abangena endlini engurawond­i bamfica elalise okomuntu ozunywe wubuthongo, kwathi uma besondela eduze babona igazi emlonyeni nasemakhal­eni enganyakaz­i.

Uma bembula ingubo, isipontshi sasibomvu tebhu yigazi engagqokil­e ngezansi. Kwaqhuma isililo kwabizwa abadala emndenini, kwashayelw­a namaphoyis­a.

Ngagcina sengiziyel­a ngokwami esiteshini ngiyowalan­da ngenxa yokubona ukuthi kuhamba isikhathi amaphoyisa awafiki,” kusho uNksz Buthelezi.

Ngaleso sikhathi kuthiwa umsolwa wayemdibi munye nabantu ababekhung­athelike.

UNksz Buthelezi uthe umsolwa wesibili uboshwe ngoba kwatholaka­la ikepisi lakhe endlini okwakudlwe­ngulwe kuyona umufi, okugcine sekuvela ukuthi wayelibole­ke umsolwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa