Isolezwe

Ukhuza ibuya uMakhuzemo­yizela

- MLUNGISI GUMEDE

UKHUXA ibuya obengundun­ankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Wlllies Mchunu njengoba eseqokwe njengePhin­i likaSihlal­o weKhomishi­ni ehlela ukusebenza kukahulume­ni.

UMchunu (71) ongumakade­bona kasopoliti­ki wethulwe njengelung­u lekhomishi­ni yokuhlela nguNdunank­ulu wesifundaz­we uMnuz Sihle Zikalala izolo ngesikhath­i kade evula iLekgotla yezinsuku ezine eqhubeka eMayville, eThekwini.

UZikalala uthe umsebenzi wale khomishini ukusiza uhulumeni inikeze namasu, iphinde iluleke ngokuthi umsebenzi othile kumele ube usuphelile emuva kwesikhath­i esingakana­ni.

“Uma uhulumeni enombono wokuthi ngemuva kweminyaka engu-20, kumele asuke esezuze okuthile, ikhomishin­i iyabheka ukuthi konke lokhu okusuke kuyiziboph­ezelo kuyenzeka yini ngendlela efanele ngenhloso yokuthuthu­kisa uhlelo lokuhanjis­wa kwezidingo kubantu,” kusho uZikalala.

Uthe ukuba khona kwekhomish­ini kuyasiza nasekuthen­i iminyango ikwazi ukusebenzi­sana ukugwema ukuthi ingagcini seyenza imisebenzi ecishe ifane nokudala ukuthi kumosheke imali.

“Uma sithi ngo-2050, abantu abaningi baKwaZulu-Natal bazobe sebehlala emadolobhe­ni, kumele sazi ukuthi imaphi lawo madolobha, sizowathut­hukisa kanjani, sizoqinise­kisa kanjani ukuthi lawo madolobha anengqalas­izinda ezokwazi ukuhlinzek­a labo bantu ngo2050. Kumele lokho sikuhlelel­e manje, lowo ngumsebenz­i wekhomishi­ni yokuhlela,” kusho uZikalala.

Uveze ukuthi bakhathaze­kile ngesinqumo sakwaSAA sokuvala imizila ethile yamabhanoy­i, wengeza ngokuthi lokhu kuzonciphi­sa amathuba emisebenzi.

UZikalala uthe bayaxoxisa­na noNgqongqo­she wamaBhizin­isi kaHulumeni ngalesi sinqumo.

Uthe kodwa ngeke bakuvume lokhu ngoba kuzoba nomthelela omubi kwezomnoth­o wezwe.

 ??  ?? OBENGUNDUN­ANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu okhuza ibuya kuhulumeni njengoba eseqokwe njengePhin­i likaSihlal­o weKhomishi­ni ehlela ukusebenza kukahulume­ni
OBENGUNDUN­ANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu okhuza ibuya kuhulumeni njengoba eseqokwe njengePhin­i likaSihlal­o weKhomishi­ni ehlela ukusebenza kukahulume­ni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa