Isolezwe

‘Okushiwo ngeKZN kuyakhatha­za’

- MLUNGISI GUMEDE

UNDUNANKUL­U waKwaZuluN­atal, uMnuz Sihle Zikalala, uthi ukhathazek­ile ngokuthi isifundazw­e sabo yisona esihamba phambili ngokusetsh­enziswa budedengu kwemali.

Ethula inkulumo yakhe izolo evula iLekgotla yezinsuku ezine eseThekwin­i, uZikalala uthe iKwaZulu-Natal ayikufanel­e lokhu okuvezwa nguMcwanin­gimabhuku jikelele.

“UMcwaningi-mabhuku jikelele uveze ukuthi ayilandelw­a imigomo, ikakhuluka­zi ophikweni olukhipha amathenda,” kusho uZikalala.

Uthe kumele babhekane nomphumela wakho konke okwenzekay­o.

Esithangam­ini nabezindab­a izolo ngemuva kokuvula iLekgotla, uZikalala uthe zikhona izinyathel­o eseziqaliw­e ukuthathwa ukwenza isiqinisek­o sokuthi isimo siyalungis­wa. Uthe mithathu iminyango ethole imibiko emibi, owezeMpilo, owezoLimo nowezokuTh­utha nehhovisi lakhe.

UZikalala uthe sebeqale umkhankaso obizwa ngeOperati­on Clean Audit ozogxila eminyangwe­ni emithathu ethole imibiko emibi eminyakeni emithathu edlule nokuzama ukulungisa isimo esibi sokusetshe­nziswa budedengu kwemali.

“Siyasibhek­a lesi simo, sibheka ukuthi ngabe yiziphi izizathu azidala lokhu. Senza nesiqinise­ko sokuthi abantu ababangela lokhu bayathathe­lwa izinyathel­o. Ningacaban­gi ukuthi akukho okwenziway­o thulani nibuke, sikubonile futhi nokwehla kwezinga ehhovisi likaNdunan­kulu nakho lokhu siyakubhek­a. Nezinqumo sezithathi­we ukuze sinyuse izinga lokusetshe­nziswa kwemali, kuneminyan­go esiyiqokil­e esifuna ukuyibona ithola imibiko emihle,” kusho uZikalala.

Uthe kukhona izikhulu esezithath­elwe izinyathel­o, ezinye zesulile emsebenzin­i.

Zikhona izinyathel­o ebese zithathiwe mayelana nesikhulu ehhovisi lakhe ebesisolwa ngenkohlak­alo kodwa zabuye zamiswa emva komyalelo wenkantolo owathi azimiswe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa