Isexwayiso ngentela kashukela
BAFUNA uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni amise intela kashukela abemboni kashukela kwazise bathi ngonyaka kudilizwa abasebenzi abawu-9 000 ngenxa yayo.
Namhlanje, uMboweni uzothula isabelomali ePhalamende lapho kulindelwe ukuthi eze namacebo okukhulisa umnotho nokudala amathuba omsebenzi.
USihlalo weSA Canegrowers Association, uMnuz Rex Talmage, ucele uMboweni ukuthi ayimise intela kashukela ngoba ibalahlekisele ngoR1.5 billion selokhu yaqala ukusebenza ngo-Ephreli ka-2018.
UTalmage uthe ukulahleka kwemali kuholele ekudilizweni kwabantu abawu-9 000 ngo-2018, isibalo silokhu sikhula kwazise izinkampani ezisebenza ngoshukela zingaphansi kwengcindezi.
“Sifuna ime intela kashukela.
Sicela izinhlangano ezilwela ukuthi kunyuswe intela kashukela ezifana neHeala zize nobufakazi obuphathekayo bokuthi ukunyuswa kwentela kube nomthelela omuhle kwabakhuluphele ngokweqile. Esikubonayo wumthelela omubi wentela kashukela eholele ekudilizweni kwabasebenzi nasekuweni kwabalimi abasathuthuka,” kusho uTalmage.
Uthe uhulumeni uyazi ukuthi kunenkinga embonini kashukela, yingakho efuna ukuza nohlelo lokushintsha isimo ukuze kube nozinzo embonini.
“Iqiniso wukuthi imboni kashukela ithwele kanzima ngoba ayivikelwa emikhiqizweni kashukela engena emachwebeni aseNingizimu Afrika. Isomiso naso sisithwalise kanzima. Intela kashukela ivele yasingcwaba ngoba asisakwazi ukusebenza kahle,” kusho uTalmage esitatimendeni.
Uthe uma uMboweni ezimisele ukuthuthukisa umnotho kufanele ayimise intela kashukela.
UMnuz Justin Mudge, onguSihlalo weSouth African Berry Producers Association (Sabpa) uthe uMboweni kufanele anyuse isibalo semikhiqizo yaseNingizimu Afrika edayiswa ngaphandle ukuze kunyuke imali engena esikhwameni sezwe. Uthe phakathi kuka-2014 kuya ku-2019 emkhakheni we-blueberry kuqashwe abasebenzi abawu-1 000 kuya ku-8 000. “Sifuna uMboweni asukumele imithetho, anyuse ukudayiswa kwempahla yakuleli ngaphandle ngoba kuyimanje kunezithiyo ezisivimbela ukudayisa ama-blueberries eChina. Uma kuya ngalo mthetho, sizodayisa ama-blueberries ethu eChina ngo-2045. Lokhu kusho ukuthi ngeke sikwazi ukudala amathuba omsebenzi amasha awu-14 000 esingawadala uma sidayisa ama-blueberries eChina. Kusibeka engcupheni yokuthi iChile nePeru ithathe indawo yethu ekudayisweni kwalo mkhiqizo,” kusho uMudge.