Bakhala ngokuvalwa kweVirgin Active
BASOLA ukuthi ubandlululo luyimbangela yokuvalwa kwendawo yokuzivocavoca edumile eThekwini. I-Virgin Active eseWorkshop izovalwa ngoMashi 31 nonyaka kanti abasebenzisa le ndawo bathi bazizwa bedelelekile ngokuvalwa kwayo.
Ongusihlalo wamalungu azivocavoca kuleli gatsha, uMnuz Nhlalo Mkhwanazi (42), uveze ukuthi basola ubandlululo ngokwenzeka kuleli gatsha. “Kwaqale kwavalwa igatsha elisePinetown ngonyaka ophelile, abantu bangasho lutho manje sebebona ukuthi abeze bezovala indawo yethu ngaphandle kokukhuluma nathi singamalungu aleli gatsha. Abaphathi bale nkampani ababahloniphi abantu abamnyama,” kusho uMkhwanazi.
UMkhwanazi uthi bengamalungu aleli gatsha bayahlukunyezwa ngoba izikhalo zabo zishaywa indiva. Saze sacela umhlangano noMnuz Phila Zulu ongumqondisi wezomthetho kwaVirgin Active kuzwelonke kepha wanqaba ukuhlangana nathi.
“Basitshela ukuthi bathumela imiyalezo ngololu daba nge-email kodwa bazi kahle ukuthi akusiwo wonke umuntu ozivocavoca lapha okwazi ukufunda futhi abanye abanawo ngisho lawo ma-email,” kusho uMkhwanazi.
Omunye oyilungu uNksz Sinomonde Ngwane (23) uzwakalise okukhulu ukukhathazeka ngoba ethi, isizathu sakhe sokuthi angene kuleli gatsha yingoba kwakulula ukuthi afinyelele khona uma eya emsebenzini futhi noma esephindela ekhaya.
“Manje sekuzophoqa ukuthi ngigibele kaningi uma ngiya kozivocavoca, ekubeni abanye bethu banezizathu ezihlukene ukuba sibe ngamalungu aleli gatsha. Noma beshilo ukuthi singakwazi ukuyozivocavoca noma kumuphi uVirgin Active okhona eNingizimu Afrika ngaphandle kwamagatsha akhethekile, angineme neze ngalesi sinqumo ngoba bakhombise ukungasicabangeli,” kusho uNksz Ngwane. Okhulumela uVirgin Active kuzwelonke, uNkk Carla White, ukuqinisekisile ukuthi wonke amalungu egatsha elivalwayo azokwazi ukuyozivocavoca kwamanye amagatsha ngaphandle kwamagatsha omntakabani abizwa ngeCollection Clubs. “Ukuvalwa kwegatsha kwenziwa wukuthi besesizame zonke izindlela zokuthi lisebenze kodwa kwaba ukuthi akwenzeki futhi nenkampani ibingasenzi inzuzo etheni ngalo. Amalungu ethu besifuna ukuthi athole ubuchwepheshe besimanje obukhona kwamanye amagatsha,” kusho uNkk White.
Uthe awukho umhlangano owake wacelwa futhi kwavunyelwana ngawo noZulu ongumqondisi wezomthetho kwaVirgin Active.
UNkk White ubuye waqinisa idolo abasebenzi wathi: “Bonke abasebenzi bethu kwakhulunywa nabo futhi bafakwe kwamanye amagatsha ababewafisa. Abakhululeke imisebenzi yabo, ayikho sengozini,” kusho uNkk White.
Uphethe ngokuthi uma kukhona ilungu elifisa ukuqeda ubulungu balo nabo, lizokwazi ukwenza njalo ngosuku lokuvala, ngeke balihlawuliswe.