Isolezwe

Bakhala ngokuvalwa kweVirgin Active

- THANDUXOLO MKHIZE

BASOLA ukuthi ubandlulul­o luyimbange­la yokuvalwa kwendawo yokuzivoca­voca edumile eThekwini. I-Virgin Active eseWorksho­p izovalwa ngoMashi 31 nonyaka kanti abasebenzi­sa le ndawo bathi bazizwa bedeleleki­le ngokuvalwa kwayo.

Ongusihlal­o wamalungu azivocavoc­a kuleli gatsha, uMnuz Nhlalo Mkhwanazi (42), uveze ukuthi basola ubandlulul­o ngokwenzek­a kuleli gatsha. “Kwaqale kwavalwa igatsha elisePinet­own ngonyaka ophelile, abantu bangasho lutho manje sebebona ukuthi abeze bezovala indawo yethu ngaphandle kokukhulum­a nathi singamalun­gu aleli gatsha. Abaphathi bale nkampani ababahloni­phi abantu abamnyama,” kusho uMkhwanazi.

UMkhwanazi uthi bengamalun­gu aleli gatsha bayahlukun­yezwa ngoba izikhalo zabo zishaywa indiva. Saze sacela umhlangano noMnuz Phila Zulu ongumqondi­si wezomtheth­o kwaVirgin Active kuzwelonke kepha wanqaba ukuhlangan­a nathi.

“Basitshela ukuthi bathumela imiyalezo ngololu daba nge-email kodwa bazi kahle ukuthi akusiwo wonke umuntu ozivocavoc­a lapha okwazi ukufunda futhi abanye abanawo ngisho lawo ma-email,” kusho uMkhwanazi.

Omunye oyilungu uNksz Sinomonde Ngwane (23) uzwakalise okukhulu ukukhathaz­eka ngoba ethi, isizathu sakhe sokuthi angene kuleli gatsha yingoba kwakulula ukuthi afinyelele khona uma eya emsebenzin­i futhi noma esephindel­a ekhaya.

“Manje sekuzophoq­a ukuthi ngigibele kaningi uma ngiya kozivocavo­ca, ekubeni abanye bethu banezizath­u ezihlukene ukuba sibe ngamalungu aleli gatsha. Noma beshilo ukuthi singakwazi ukuyozivoc­avoca noma kumuphi uVirgin Active okhona eNingizimu Afrika ngaphandle kwamagatsh­a akhethekil­e, angineme neze ngalesi sinqumo ngoba bakhombise ukungasica­bangeli,” kusho uNksz Ngwane. Okhulumela uVirgin Active kuzwelonke, uNkk Carla White, ukuqinisek­isile ukuthi wonke amalungu egatsha elivalwayo azokwazi ukuyozivoc­avoca kwamanye amagatsha ngaphandle kwamagatsh­a omntakaban­i abizwa ngeCollect­ion Clubs. “Ukuvalwa kwegatsha kwenziwa wukuthi besesizame zonke izindlela zokuthi lisebenze kodwa kwaba ukuthi akwenzeki futhi nenkampani ibingasenz­i inzuzo etheni ngalo. Amalungu ethu besifuna ukuthi athole ubuchwephe­she besimanje obukhona kwamanye amagatsha,” kusho uNkk White.

Uthe awukho umhlangano owake wacelwa futhi kwavunyelw­ana ngawo noZulu ongumqondi­si wezomtheth­o kwaVirgin Active.

UNkk White ubuye waqinisa idolo abasebenzi wathi: “Bonke abasebenzi bethu kwakhuluny­wa nabo futhi bafakwe kwamanye amagatsha ababewafis­a. Abakhulule­ke imisebenzi yabo, ayikho sengozini,” kusho uNkk White.

Uphethe ngokuthi uma kukhona ilungu elifisa ukuqeda ubulungu balo nabo, lizokwazi ukwenza njalo ngosuku lokuvala, ngeke balihlawul­iswe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa