Uvele enkantolo ngelokubulala umlingani
UVELE eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo owesilisa oneminyaka engu-43, osolwa ngokubulala uzakwabo abegada abuye awashe naye izimoto eThekwini. Umsolwa ubanjwe ebhace eNanda.
Ngo-Okthoba 30, 2018, amaphoyisa aseDurban Central abikelwa ngesigameko sokubulala esenzeka emgwaqweni uSamora Machel, ngasesitobhini samabhasi eThekwini. Amaphoyisa kuthiwa aphuthuma endaweni yesehlakalo. Ekufikeni kwawo athola isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-30, sinenxeba lokugwazwa esifubeni.
Owesilisa washona esendaweni yesehlakalo.
Imininingwane eyatholwa ngamaphoyisa endaweni yesigameko, yaveza ukuthi umufi nguMnuz Bongani Nxumalo owayegada abuye awashe izimoto. Amaphoyisa athola ukuthi umufi wayewasha imoto nomsolwa ngesikhathi bexabana, bephikisana ngokuthi wenziwa kanjani umqombothi.
Kuthiwa kwaphakama umoya phakathi kukamufi nomsolwa, bagcina sebelwa baze balanyulwa ngomunye uzakwabo naye owasha izimoto.
Ngemuva kokulanyulwa kuthiwa umufi nomsolwa baqhubeka nomsebenzi wabo, kwangathi akuzange kwenzeke lutho. Bathi sebehamba ngasesitobhini samabhasi, kwathi ngemuva kwemizuzu embalwa kwabonakala umufi esevuza igazi, ekhala ememeza ecela usizo. Umufi kuthiwa wawa phansi washona khona lapho endaweni yesigameko. Umsolwa wabonakala esebaleka. Amaphoyisa avula icala lokubulala. Ithimba lamaphoyisa lophiko oluthungatha abasolwa abafunelwa amacala, laqala uphenyo oluholele ukutheni kuyiwe eNanda lapho obekubhace khona umsolwa.
Umsolwa ubekwe icala lokubulala, useke wavela enkantolo. Imininingwane ngokwenzeka enkantolo ayitholakalanga ngoba idokodo lisagcinwe khona.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Khombinkosi Jula, uncome amaphoyisa ngokubamba umsolwa.