Abezempilo abangahluleli iziguli ezize ezikhungweni
KUYADABUKISA ukuzwa ukuthi kunabantu besifazane abangeke besaba nabanye abantwana noma ngabe bafisa kangakanani ngoba kukhona abahlengikazi nodokotela ababona kungcono ukubavala inzalo ngenkani.
Ngokombiko okhishwe yiKhomishini yezokuLingana koBulili, kunezibhedlela ezingu-15 KwaZulu-Natal naseGauteng ezike zaphoqa abantu besifazane iningi labo abebenegciwane lengculazi ukuthi bavale inzalo ngaphandle kwemvume yabo.
Abanye kuthiwa babetshelwa ukuthi uma bengakwenzi lokho bazoshona kanti abanye babekhohliswa ngokuthi kuzoba nzima ukuthi bathole usizo uma benqaba ukusayina amaphepha ayethi bavumile ukuvalwa inzalo.
Ngokombiko, omunye wala bantu besifazane wathola emuva kweminyaka engu-10 egcine ukuthola umntwana ukuthi kanti wabuye wavalwa nenzalo emva kokubelethiswa.
UMnyango wezeMpilo usucele ukuhlangana nekhomishini ukuze kuzophenyisiswa izinsolo ezikulo mbiko.
Akuphenyisiswe impela ngoba mhlawumbe isibalo sabantu besifazane asebegilekile bangaphezu kwalaba okukhulunywe nabo.
Kumele kutholakale ukuthi lokhu kungcola nokwephula umthetho kudlange kangakanani ukuze kuzolungiswa yonke indawo.
Ngoba ngisho ngabe kuthiwa umuntu usezibeke engozini ethile uma eqhubeka nokuthola abantwana kodwa kumele kuthi uma odokotela bemeluleka ngokuthi akavale inzalo ayekelwe uma enqaba ukuthatha leso seluleko.
Awukwazi ukuphoqa umuntu ukuthi akugunyaze lokhu ngisho ngabe kuthiwa unegciwane lengculazi.
Kuphambene nomthetho lokhu okwenziwe futhi kumele abazotholakala benecala bashushiswe futhi baphelelwe umsebenzi eMnyangweni wezeMpilo.
Kudala yenziwa imizamo eNingizimu Afrika eqinisekisa ukuthi umama onegciwane lengculazi akayitheleli ingane yakhe esuke ingakazalwa njengoba kukhona umshanguzo obhekene nalokhu, iNevirapine.
Ngisho ngabe kuthiwa awukho lo mshanguzo, akekho ofanele anyathele ilungelo lomuntu wesifazane lokuzikhethela ukuthi usathanda noma akasathandi yini ukuba nenzalo.
Abasebenzi bezempilo ake bayeke ukuhlulela iziguli nokuzenza uNkulunkulu.