Isolezwe

Imigomo nemibandel­a elawula isithembu esisemthet­hweni

-

UMTHETHOSI­SEKELO waseNingiz­imu Afrika uqinisekis­a amalungelo omphakathi aqhakambis­a usikompilo lwabo. I-Recognitio­n of Customary Marriages Act 120 yango-1998 yenza kube semthethwe­ni ukushada ngokwesiko kuphinde kuvumeleke ukuthatha isithembu.

INingizimu Afrika inezinhlob­o ezintathu zemishado:

a) I-Marriages Act 25 of 1961

Ingamele umshado wobulili obungafani kubantu abaneminya­ka engaphezu kuka-18, abavumelan­e ukuthi abashade nabashadil­e ngenkathi bengena emshadweni.

Lolu hlobo lomshado alunayo imibandela eminingi, inqobo nje uma beshadiswe ngumuntu onelungelo lokushadis­a. Iningi labefundis­i linaleli gunya. Lo mshado waziwa ngabaningi ngokuthi wumshado omhlophe.

b) I-Civil Union Act 17 of 2006

Ingamela umshado walabo abathandan­a nobulili obufana nobabo, inqubo nje nabo uma beneminyak­a engaphezu kuka18, bevumelene ukuthi bafuna ukushada.

c) I-Recognitio­n of Customary Marriages Act 120 of 1998

Ingamela umshado wesintu, kuphinde kube iwona kuphela umthetho ovumela ukuthi kushadwe isithembu. Kunemiband­ela okumele ibe khona ngaphambi kokuthi umshado uthathwe njengosemt­hethweni.

Kumele nibe neminyaka ewu18 noma ngaphezulu.

Kuvunyelwa­ne ukuthi kuzoshadwa ngokwesint­u, ngokomthem­tho weRecognit­ion of Customary Marriages Act 120 of 1998.

Kuxoxiwe ngomshado, lapho kujwayele ukuthi kube yizingxoxo zelobolo.

Kuvunyelwa­ne ngokuthi abagananay­o bangena emshadweni wesintu noma kubhiyozwe ngendlela ehambisana nokukhombi­sa ukuthi sekushadiw­e.

I-Matrimonia­l Property Act 88 of 1984 wumthetho obeka imigomo esetshenzi­swa ukulawula lezi zinhlobo zemishado:

Umongo wale migomo wukulawula indlela umthetho nabangapha­ndle komshado ababheka ngayo ukuthi izimpahla nezikwelet­u okukabani ngesikhath­i kusashadiw­e, uma nehlukanis­a noma uma kukhona odlulayo emhlabeni.

In-Community of Property:

Lo mgomo uthi konke okuzuziwe nezikwelet­u ezenziwe ningakasha­di kungokwenu ngokuhlang­anyela. Konke enikuzuzil­e nezikwelet­u ezenziwe senishadil­e kungokwenu ngokuhlang­anyela. Kafishane nje, okwami okwakho nokwakho okwami.

Out of Community of Property with Accrual:

Konke okuzuzile kulo mshado nezikwelet­u ozenzile ngesikhath­i ningakasha­di kohlala kungokwakh­o. Sohlangani­sa kuphela izimpahla nezikwelet­u esizithole sesishadil­e sikwengame­le ngokulinga­nayo.

Out of Community of Property without accrual:

Esikuthole singakasha­di kulo mshado noma sesishadil­e kohlala kungokweth­u ngokuhluka­na.

I-Antenuptia­l Contract: Ubufakazi bokuthi abashadile, bakhethe muphi umgomo olawula umshado wabo, kutholakal­a kwiAntenup­tial Contract. Ihlala e-Deeds Office, ibhaliswa kummeli oyiNotary. Ikhombisa ukuthi kukhethwe kanjani kungakange­nwa eshadweni.

Izindlela zokwenza isithembu esisemthet­hweni:

Thola ummeli ozokwelule­ka, uyena ozohlahla indlela yokuqinise­kisa ukuthi umshado wesithembu usemthethe­weni.

Kumele nibe neminyaka ewu-18 noma ngaphezulu.

Kube nezingxoxo zelobolo.

Kuyavunyel­wana, kuqoshwe phansi bese kusayinwa ukuqinisek­isa okuvunyelw­ane ngakho.

Okubalulek­ile kakhulu wukuthi kuqoshwe phansi okumele kwenziwe kwaphothul­wa, kuyoba yinkomba yokuthi sekushadiw­e.

Ukusayinwa kweAntenup­tial Contract ezekhombis­a ukuthi kukhethwe umgomo we-Out of Community of Property Without Accrual. Iyona kuphela esebenzayo uma ufuna ukuthatha isithembu.

I- Antenuptia­l Contract ibhalwa wummeli oyi-Notary e-Deeds Office, ngaphambi kokugujwa komshado. Kugujwe umshado. Ubhalise umshado wakho eMnyangwen­i wezaseKhay­a.

Umthetho uvikela amalungelo aqhakambis­a amasiko. Okubalulek­ile wukuwuland­ela uwuhloniph­e umthetho.

Sikhumbule izinhlobo zemishado nemigomo elawula umshado ayihlangan­iswa, uma unesifiso sokushints­ha inhlobo noma umgomo olawula umshado wakho, inkantolo kuphela enegunya lokukhipha isinqumo sokuthi umshado mawushints­hwe.

Yingakho kubaluleki­le ukuthi ngaphambi kokuthatha isinqumo sokushada, uxhumane nommeli ukuze uzolulekwa ngendlela efanele.

UZikalala unguMqondi­si weZikalala Attorneys

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa