Kusazoba kubi ezweni ngenxa yomnotho
MHLELI: Ake ngiqale ngibonge isenzo esihle se-IFP sokukhulula obeyimeya kuMasipala waseNquthu. Kusho ukuthi i-IFP iyipopolile ingozi yokulahlekelwa “abazoyethemba” njengoba isho ithi “asiyethembe”. Asethembe ozongena ezicathulweni zeMeya esiphunyuzwa uzosebenzisana futhi asebenzele umphakathi. Bengidlula nje lapho. Ngifuna ukukhuluma ngesimo esingesihle neze esibhekene naleli lizwe.
Ubani owayazi ukuthi isimo singaba nje ngangokuthi kuncishiswe imizila yamabhanoyi ase-SAA? Ngikusho lokhu ngikususela esimemezelweni sikaMaspala uMhlathuze. Nakhu nomasipala bediliza ngobuningi babo. Kodwa siphupha ngokukhula komnotho? Kuphi khona uma iRand lisabiza uR15 uma uliqhathanisa neDollar. Kanti lokhu kusekuncane cishe kophela unyaka lishaya koR16 uma uliqhathanisa neDollar.
Kusukela maphakathi neminyaka yama-1990s umnotho wethu uthathwa njengosakhula, kuze kube manje ngo-2020 kuthiwa usakhula. Ngibona kusazoba kubi kakhulu nokho. Cabanga nje uMasipala uGu uchithe abasebenzi abawu-121 esikhathini esifushabe kodwa siphupha ngokukhula komnotho. Lutho siyazikhohlisa. Nangu noMnuz (Thulas)Nxesi ethuka abasebenzi ngo-3.8% wokukhuphula iNational Minimun Wage.
UNxesi uthi abahola kancane sebezohola uR20.76 ngehora isuka kuR20. Cabanga nje inhlamba engaka ebhekiswe ebantwini. Ngithi yinhlamba ngoba le mali inyuswe ngo-76cents kuphela. Ngicabanga ukuthi kothi kuphela lo nyaka iRand uma uliqhathanisa neDollar lobe lithi R16 noma ngaphezulu.
Lokho kobe kuphoqa nabaqashi ukuthi behlise imiholo okanye badilize abasebenzi. Asethembe nokho ukuthi sovela isixazululo sokufadabala komnotho. Lokho kufakazelwa ukungakhuli komnotho ngendlela.
Sibahle Ngobese ENQUTHU