Isolezwe

UKunene uyifice ibheda iNquthu, wayifaka ehlathini elimnyama

-

Mandla Mlotshwa KWAMASHU

MHLELI: Ngisike elijikayo ngodaba lokumiswa kweMeya yaseNquthu, uMnuz Mabilabila Kunene. Bathi umiswe emva kokuthi wazesulela ngonyaka ofile.

Iqembu lakhe iNkatha selithathe eside isikhathi ukuthi lifinyelel­e kulesi sinqumo.

UKunene ubonakale zisuka nje ukuthi isikhundla aqokelwe kusona siyamehlul­a, abantu belokhu bethi akanikwe ithuba, besho nokuthi akukapheli nonyaka ejutshelwe esikhundle­ni, kukhulu aseza nakho. Sihlalele ethembeni, kwahamba isikhathi kwabonakal­a ukuthi umkhumbi uyacwila ngempela waqala wonke umuntu wavula amehlo ngobuholi bukaKunene.

INquthu uyifice isenkingen­i vele, yena wayithatha wayifaka ehlathini elimnyama. Konke okuyizethe­mbiso abebekuthe­mbise ukukwenzel­a umphakathi waseNquthu ngenkathi bekhankasa kumehlulil­e ukukufeza. Babethembi­se ukwenza ngcono impilo yomphakath­i waseNquthu, bethi bazovula amathuba emisebenzi kubantu abasha kodwa asikubonan­ga lokho. Kunamuhla khona amakhansel­a eNkatha azobe eqeda iminyaka emihlanu ngonyaka ozayo kodwa akukho nokukodwa angazishay­a isifuba ngokuthi akwenzele umphakathi eNquthu.

Ngonyaka ozayo soya okhethweni lomasipala nginesiqin­iseko sokuthi i-IFP ngeke isawuhola umkhandlu waseNquthu, lokho angikungab­azi. UKunene ukuqede nya ukwethenjw­a kweNkatha eNquthu. Angibazi nje uma sebekhanka­sela ukhetho ukuthi bazoqamba athini amanga. Udaba lwamanzi lubakhiphe inkani belokhu bevika ngokuthi udaba lwamanzi luphethwe wuMzinyath­i nawo oholwa yiNkatha, okuyihlazo nje kwakhona lokho.

Kungcono kodwa ngoba iNkatha igcine iwavulile amehlo, yabona ukuthi imhoxise uKunene kwesobumey­a njengoba eshilo okhulumela iqembu uMnuz Mkhuleko Hlengwa.

Uthe izinguquko ezikanjena bazenzile komasipala abehlukene, okubalwa owaKwaNong­oma, eZululand naseMtubat­uba. Ngicabanga ukuthi bekungokok­uqala kulo nyaka umkhandlu waseNquthu ungenalo uhlelo lokusiza abafundi abayofunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, ukubahlang­abeza ngemali yokubhalis­a kodwa kulo nyaka alubanga bikho ngaphansi kobuholi bukaKunene nokungenaz­impendulo zokuthi kungani.

Kumanje isikhungo esihlolela izincwadi zokushayel­a asiphelile, akwaziwa ukuthi kungani. Kumanje uhlelo lokufakelw­a kukagesi ezindlini ezintsha lumile, akwaziwa nakhona ukuthi yini isizathu. Idolobha laseNquthu lingcolile kodwa umasipala ukhona. Bazishaya isifuba bathi bathenge izingcingo nezigxobo zezinkambu, zawo wonke amaward kaMasipala waseNquthu. Yikhona ukucabange­la umphakathi lokhu?

Mxolisi Manyathi ENQUTHU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa