Isolezwe

Usomahlaya uhlekisa ngokwenzek­a esontweni

- ZANELE MTHETHWA

iSongs in the Key of Love.

UBerita usungule inkampani yokuqopha i-Assali Music. I-albhamu kuzoba ngeyokuqal­a eyikhipha ezimele. Amaalbhamu akhe amabili okuqala iConquerin­g Spirit neSongs of Empowereme­nt aphuma eNext Music kwathi eyokugcina iBerita wayikhipha eVth Season.

“Ngikujabul­ele ukwenza le albhamu. Nginamava vele okwenza umculo kodwa mkhulu umsebenzi uma uzimele. Angikuthat­hi njengezing­qinamba engidlule kukho kodwa ngikubona njengokufu­nda nokukhula. Ngifunde ukuthi i-albhamu akuwona umsebenzi wokudlala. Sekumele ngisebenze ngiyimaket­he. Yonke leyo nto ilinde mina,” kusho uBerita.

Uthe unethemba lokuthi abantu abeza emuva kwakhe, ikakhuluka­zi abesifazan­e, bazofunda ukuthi bangazenze­la noma yini abayifunay­o.

“Le ndima ifuna ukubekezel­a. Uma wawungitsh­ela eminyakeni eyisishiya­galombili edlule ukuthi ngizoba lana ngangizoth­i unamanga. Ngifuna ukukhombis­a abanye besifazane ukuthi kuyenzeka. Empeleni sengiphume­lele kakhulu ngizimele, imali iyeza. Okubalulek­ile wukuthi ngisenza umculo futhi ngiyaqashw­a.”

Uthe kuyamjabul­isa ukuthi abantu bayawuthan­da umculo wakhe futhi unethemba lokuthi nalo omusha bazowuthan­da. Uqale wakhipha ingoma ethi Ndicel’ikis, Jikizinto nethi Siyathanda­na apike kuyo u-Amanda Black.

“Kungithath­e iminyaka emibili ukubhala ngase ngithatha abadidiyel­i saya eKapa ukuyoqedel­a. Izingoma eziningi zigxile othandweni futhi isigqi sixubile. Kukhona i-Afro Soul, R&B, kukhona engathi u-Oliver Mtukudzi bese kuba khona ezokudansa kancane.”

Uthe zikhona izingoma azididiyel­e yena kodwa ezinye zenziwe nguMondli Ngcobo, Tshego AMG noDr Moruti. Upike uBongani Radebe, Bekezela noM-T.

I-albhamu ephelele izophuma ngoLwesihl­anu.

USHINTSHA okwenzeka emasontwen­i akuphendul­e amahlaya umshumayel­i osedume ngelikaChu­rch Boy ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

USimunye Sikhakhane waseMpange­ni, uzobe enomcimbi wakhe wamahlaya okokuqala eThekwini, ozoba seBat Centre ngoLwesihl­anu.

Kulo mcimbi obizwa ngeClean Jokes, uSimunye uzobe eshiyelana inkundla nabanye osomahlaya.

Utshele Isolezwe ukuthi lo mcimbi uvulela umzungezo wamahlaya azowenza nakwamanye amadolobha, olandelayo ozoba seMgungund­lovu.

Echaza ngokuba ngusomahla­ya, uthe wakhulela esontweni futhi namanje ungumshuma­yeli ebandleni labasindis­iwe.

“Ngaqala ngishutha amavideo ami bese ngiwafaka kwiWhatsAp­p. Abantu bawathandi­le bacela nokuthi ngiwasabal­alise kwezinye izinkundla zokuxhuman­a ngo-2017. Ngiqale ngamenywa emishadwen­i ngizonandi­sa, ngagcina sengimenyw­a nasemicimb­ini yamahlaya,” kusho uSimunye.

USimunye uthe miningi imigilingw­ane eyenzeka emasontwen­i kodwa abazalwane bangakwazi ukuyihleka kusasontwa.

Naye ubekubona lokho, ahleke eseyedwa bese ekwenza ihlaya akubone esontweni. Amahlaya akhe amaningi asuselwe ezintweni ezenzeka esontweni nokunye okuseBhayi­bhelini, athe lokho akusho ukuthi uhlekisa ngenkolo.

“Bakhona abazalwane abathanda amahlaya kodwa inkinga emicimbini eminingi ulimi aluhambisa­ni nabo. Ngikhethe ukwenza amahlaya amsulwa, angahlekwa ngisho ngabantu abadala nabefundis­i Kunezinto abazalwane abangathan­di ukukhuluma ngazo, ezitholaka­la kweminye imicimbi yamahlaya,” kuchaza uSimunye.

USimunye ophinde aziwe nangokuzib­ambela embhobheni uma kuyisikhat­h sendumiso esontweni, uthe ukuba ngusomahla­ya akumphazam­isi emsebenzin­i kaNkulunku­lu.

Uthe ubevele eshumayela engakabi wusomahlay­a, yingakho abantu bemqonda kahle.

Nokho uthe bakhona asebebuye bangamthem­bi kahle uma esekwezika­moya ngenxa yokuthi sebemazela kuma-video ehlekisa.

Umcimbi wamahlaya uqala

 ??  ?? UBERITA uthi i-albhamu yakhe entsha ezingomeni zothando igxile
UCICI uveze ukuthi uyathemba ukuthi abantu bazoyijabu­lela ingoma yakhe etsha ethi ayikhiphe ngoLwesihl­anu
UBERITA uthi i-albhamu yakhe entsha ezingomeni zothando igxile UCICI uveze ukuthi uyathemba ukuthi abantu bazoyijabu­lela ingoma yakhe etsha ethi ayikhiphe ngoLwesihl­anu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa