UMadanon ukhala ngabamngabazayo
UMCULI wegqom’ uMadanon uthi abantu abamthatha kancane bazomazi kahle nge-albhamu yakhe azoyikhipha.
UMadanon, ogama lakhe langempela nguNdumiso Ndimande (28) waseMlaza, uthi yize esesebenzile kodwa kunabantu abasamngabaza.
“Ingakho i-albhamu yami ngiyibiza ngokuthi yi-Underrated ngoba kunabantu abangazi ukuthi izingoma eziningi abazithandayo zibhalwe yimi. Ngingumbhali wezingoma mina abanye abafuni kwaziwe,” kusho uMadanon.
Phakathi kwabaculi aseke wababhalela kubalwa kubo uBabes Wodumo, Ntando Duma noPolo B.
“Ngisebenze kakhulu eWest Ink kwi-albhamu yakhona iWest Ink Banger. Cishe ziyisishiyagalombili izingoma ezinephimbo lami. Ngisebenze kakhulu futhi noDJ Boonu ezingomeni zakhe no-Andile Mpisane engomeni ethi Umcimbi ebhalwe yimi nabanye abaculi. Manje abantu bathi bafuna eyami ngqo i-albhamu,” kusho uMadanon owaduma ngengoma iQoqoqo.
UMadanon usanda kukhipha ingoma ethi Nayoke apike kuyo u-Okmalumkoolkat. Ngaphambi kwayo ukhiphe ethi S’hleka Nabo Bes’zonda apike kuyo uProfessor.
“Ngangithi ngizokhipha i-EP ngonyaka odlule kodwa ngangakwazi, ngathi angikhiphe i-albhamu ephelele kulo nyaka. Into engishayayo wukuthi ngiyazenzela, ngakho ezinye izinto ngizifunda ngendlela. Sekuyahlangana manje, kancane kancane. Ngise-studio nje kulezi zinsuku. Ngenze izingoma ezingu-15 kodwa ngifuna ukufika kwezingu-25 bese ngikhetha ezingu-13 ezizoba kwi-albhamu. Ngicabanga ukuthi kuzophela konke ngo-Agasti.”
Uthe i-albhamu yakhe inezingoma ezishaya ngesigqi segqom.
“Igqom’ aliyi ndawo futhi alikaze life. Nangu uDJ Lag ubuya kumaGrammy ngalo. I-piano lifikile ngonyaka odlule bekuyisikhathi salo njengoba kwenza kufika igqom futhi lisazolokhu likhona ngoba abantu bayalithanda.”