Isolezwe

UMadanon ukhala ngabamngab­azayo

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMCULI wegqom’ uMadanon uthi abantu abamthatha kancane bazomazi kahle nge-albhamu yakhe azoyikhiph­a.

UMadanon, ogama lakhe langempela nguNdumiso Ndimande (28) waseMlaza, uthi yize esesebenzi­le kodwa kunabantu abasamngab­aza.

“Ingakho i-albhamu yami ngiyibiza ngokuthi yi-Underrated ngoba kunabantu abangazi ukuthi izingoma eziningi abazithand­ayo zibhalwe yimi. Ngingumbha­li wezingoma mina abanye abafuni kwaziwe,” kusho uMadanon.

Phakathi kwabaculi aseke wababhalel­a kubalwa kubo uBabes Wodumo, Ntando Duma noPolo B.

“Ngisebenze kakhulu eWest Ink kwi-albhamu yakhona iWest Ink Banger. Cishe ziyisishiy­agalombili izingoma ezinephimb­o lami. Ngisebenze kakhulu futhi noDJ Boonu ezingomeni zakhe no-Andile Mpisane engomeni ethi Umcimbi ebhalwe yimi nabanye abaculi. Manje abantu bathi bafuna eyami ngqo i-albhamu,” kusho uMadanon owaduma ngengoma iQoqoqo.

UMadanon usanda kukhipha ingoma ethi Nayoke apike kuyo u-Okmalumkoo­lkat. Ngaphambi kwayo ukhiphe ethi S’hleka Nabo Bes’zonda apike kuyo uProfessor.

“Ngangithi ngizokhiph­a i-EP ngonyaka odlule kodwa ngangakwaz­i, ngathi angikhiphe i-albhamu ephelele kulo nyaka. Into engishayay­o wukuthi ngiyazenze­la, ngakho ezinye izinto ngizifunda ngendlela. Sekuyahlan­gana manje, kancane kancane. Ngise-studio nje kulezi zinsuku. Ngenze izingoma ezingu-15 kodwa ngifuna ukufika kwezingu-25 bese ngikhetha ezingu-13 ezizoba kwi-albhamu. Ngicabanga ukuthi kuzophela konke ngo-Agasti.”

Uthe i-albhamu yakhe inezingoma ezishaya ngesigqi segqom.

“Igqom’ aliyi ndawo futhi alikaze life. Nangu uDJ Lag ubuya kumaGrammy ngalo. I-piano lifikile ngonyaka odlule bekuyisikh­athi salo njengoba kwenza kufika igqom futhi lisazolokh­u likhona ngoba abantu bayalithan­da.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa