Isolezwe

Uzobuya isibili umdlalo i-Agent weSABC1

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKHUZA ibuya umdlalo i-Agent kwiSABC1 obophele abalingisi, okukhona kubo uKay Sibiya noSisanda Henna.

Lo mdlalo uzoqala ukubonakal­a ngoMashi 8, ngo-9.30 ebusuku.

Isizini yokuqala yawo iqale ukukhonjis­wa ngonyaka odlule. Ukhuluma ngomdlali webhola owalimala kanzima, okwaphoqa ukuthi ashiye.

Ugcina ngokuzivul­ela i-agency yakhe esiza intsha esakhula, efuna ukuba ngabadlali abakhulu emkhakheni webhola.

UKay ulingisa indawo kaSlindile “Blaze” Magoba, kuthi uSisanda Henna alingise ekaLesego “Ace” Moleko.

UPhillip Mabitsela wakwaSABC1, uthe bajabule ukwethulel­a abantu bakuleli isizini yesibili yalo umdlalo njengoba wenza kahle kakhulu uqala ukubonakal­a.

“Lo mdlalo ugxila kulaba balingisi ababili, omunye njengoba ephethe umdlali ohamba phambili eqenjini lakhe futhi ohlonishwa­yo ngisho ezweni langakubo.

Inkinga yakhe wukuthi uyazikhukh­umeza futhi akazi ukuthi kumele enze izinto agcine kuphi njengoba ezibona ephethe wonke umuntu asebenza naye.

Ungomunye wabaphethw­e wuBlaze kodwa yize emngenisel­a imali eningi kodwa umphathisa ngekhanda njengoba engena ezinkingen­i usuku nosuku,” kuchaza uPhillip.

Uthe kuningi okuzokwenz­eka okuzojabul­isa abantu njengoba iningi labalingis­i libuyile, bekhona nabasha.

“Kule sizini sobona umlingisi u-Anthony Oseyemi, yena ozolingisa indawo kaChristop­her Kilembe ongummeli onamava nodumile, ojwayele ukumela abadlali, naye indawo ayilingisa­yo ngeyomuntu ongenazwel­o kodwa owazi kahle umsebenzi wakhe.

Ngakho-ke abantu mabalindel­e enye isizini ezobashiya bebambe ongezansi,” kuchaza uPhillip.

Uthe umdlalo uqoshwe eGoli, uveza izikhathi zamanje uphinde uveze okwakwenze­ka ngeminyaka ka-1970.

Abanye babalingis­i abakhona kubalwa uPamela Nomvete (Godi Zulu), Zweli Dube (Phumlani Mbebe), Tarryn Wyngaard (Nathalie), Thabelo Malema

 ??  ?? UKAY Sibiya, ongomunye wabalingis­i abahamba phambili emdlalweni i-Agent, ozoqala maduzane kwaSABC1
UKAY Sibiya, ongomunye wabalingis­i abahamba phambili emdlalweni i-Agent, ozoqala maduzane kwaSABC1
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa