Isolezwe

Badla ngezinkund­la zokuxhuman­a

- ZANELE MTHETHWA

UNGENISILE umsebenzi wokuba yi-social media influencer, osekukhona abaziphili­sa ngawo ngenxa yokuba nabalandel­i abaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Izinkampan­i azisadingi ukwenza umsebenzi omningi ukumaketha imikhiziqo yazo njengoba zikhokhela amainfluen­cers, okuthathwa ngokuthi alandelwa yizihlwele.

Yize lo msebenzi uqale waduma kosaziwayo eGoli, sebekhona abangama-influencer­s ngenxa nje yokulandel­wa ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

UBianca Lindy Njoko waseThekwi­ni, ungomunye wama-influencer­s asemenywa nasemicimb­ini yomntakaba­ni. UBianca oyi-make-up artist, uthe waqala ukufaka umsebenzi wakhe kwi-Instagram ngoba ezimaketha. Kumanje uselandelw­a abangu-6 000 kwi-Instagram, okuyiwona izinkampan­i ezibheka kakhulu kuwona.

“Ukuba yi-influencer singakubek­a ngokuthi wukuba ngusaziway­o wezinkundl­a zokuxhuman­a. Kufana nokwenza umsebenzi wokumaketh­a ibhizinisi noma inkampani, okuhlukile ukuthi kwenziwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Noma ngubani angaba yi-influencer kodwa kumele ube nguwena, ungazenzi omunye umuntu,” kuchaza uBianca.

Uthe izinkampan­i zibheka ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi umuntu unabalande­li abangakana­ni.

“Ubuningi babo abusho lutho kodwa kubaluleki­le nokuthi ulandelwa ngobani. Uma ulandelwa uhlobo oluthize olufunwa yileyo nkampani, usuke usuzithole­le umsebenzi,” kusho uBianca.

Yize kukhona abakhokhel­wa izindodla ngalo msebenzi, uBianca uthe abanye bakukhokhe­la ngemikhiqi­zo yabo. Uthe kuya ngokuthi nivumelene ngani naleyo nkampani.

Ulinganise ngokuthi njengoba yena eyi-make-up artist angathola inkampani ezomnika mahhala imikhiqizo bese yena eyisabalal­isa ezinkundle­ni zokuxhuman­a, okuzosiza naye emsebenzin­i wakhe. Uphinde walinganis­a ngezinkamp­ani zamaselula, athe uma uzimakethe­la umsebenzi wazo kuyenzeka zikunike iselula nama-data mahhala. UBianca uthe phambilini bekungekho midanti kulo msebenzi kodwa abanye sebenama-agent okuyiwona abakhulume­la nezinkampa­ni. Uveze ukuthi isikhathi esiningi osaziwayo basuke bekhokhelw­e uma besabalali­sa ezinkundle­ni zokuxhuman­a izimpahla ezithize noma umcimbi abawuhambe­le.

“Okubalulek­ile wukuthi uzazi ukuthi uhlose ukuheha baphi abantu awugxilile emkhakheni owodwa kodwa uheha leyo makethe oyifunayo. Ungaba yi-influencer yokudla, ugcine uzitholele umsebenzi ezinkampan­ini ezihambisa­na nalowo msebenzi. Kumele uma ufaka izithombe emakhasini akho wazi ukuthi uyadayisa nangendlel­a obukeka ngayo, kumele ikubeke kucace.”

Esigabeni sosaziwayo Isolezwe lithole ukuthi lo msebenzi uyazizela ngenxa yokulandel­wa kwabo. UNomzamo Mbatha, Somizi Mhlongo, Boity Thulo noBonang bangabanye bosaziwayo abakhokhel­wa ngokuba ngamainflu­encer. Kuvela ukuthi labo saziwayo benza imali eshisiwe ngokufaka isiqeshana nje bekhuluma ngomcimbi abebemenyw­e kuwo noma umkhiqhizo abawuseben­zisile.

Kuthiwa abanye osaziwayo bafuna ukukhokhel­wa ngokuthi

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? USAZIWAYO uBoity Thulo ongomunye wama-social media influencer­s akhokhelwa­yo
Isithombe: SIGCINIWE USAZIWAYO uBoity Thulo ongomunye wama-social media influencer­s akhokhelwa­yo
 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? KWAMSEBENZ­ELA ukukhangis­a ngomsebenz­i wakhe wokuba yi-make-up artist uBianca Lindy Njoko, osebalwa nama-social media influencer okuwumsebe­nzi ongenisile kulezi zinsuku
Isithombe: FACEBOOK KWAMSEBENZ­ELA ukukhangis­a ngomsebenz­i wakhe wokuba yi-make-up artist uBianca Lindy Njoko, osebalwa nama-social media influencer okuwumsebe­nzi ongenisile kulezi zinsuku
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa