Badla ngezinkundla zokuxhumana
UNGENISILE umsebenzi wokuba yi-social media influencer, osekukhona abaziphilisa ngawo ngenxa yokuba nabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana.
Izinkampani azisadingi ukwenza umsebenzi omningi ukumaketha imikhiziqo yazo njengoba zikhokhela amainfluencers, okuthathwa ngokuthi alandelwa yizihlwele.
Yize lo msebenzi uqale waduma kosaziwayo eGoli, sebekhona abangama-influencers ngenxa nje yokulandelwa ezinkundleni zokuxhumana.
UBianca Lindy Njoko waseThekwini, ungomunye wama-influencers asemenywa nasemicimbini yomntakabani. UBianca oyi-make-up artist, uthe waqala ukufaka umsebenzi wakhe kwi-Instagram ngoba ezimaketha. Kumanje uselandelwa abangu-6 000 kwi-Instagram, okuyiwona izinkampani ezibheka kakhulu kuwona.
“Ukuba yi-influencer singakubeka ngokuthi wukuba ngusaziwayo wezinkundla zokuxhumana. Kufana nokwenza umsebenzi wokumaketha ibhizinisi noma inkampani, okuhlukile ukuthi kwenziwa ezinkundleni zokuxhumana. Noma ngubani angaba yi-influencer kodwa kumele ube nguwena, ungazenzi omunye umuntu,” kuchaza uBianca.
Uthe izinkampani zibheka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi umuntu unabalandeli abangakanani.
“Ubuningi babo abusho lutho kodwa kubalulekile nokuthi ulandelwa ngobani. Uma ulandelwa uhlobo oluthize olufunwa yileyo nkampani, usuke usuzitholele umsebenzi,” kusho uBianca.
Yize kukhona abakhokhelwa izindodla ngalo msebenzi, uBianca uthe abanye bakukhokhela ngemikhiqizo yabo. Uthe kuya ngokuthi nivumelene ngani naleyo nkampani.
Ulinganise ngokuthi njengoba yena eyi-make-up artist angathola inkampani ezomnika mahhala imikhiqizo bese yena eyisabalalisa ezinkundleni zokuxhumana, okuzosiza naye emsebenzini wakhe. Uphinde walinganisa ngezinkampani zamaselula, athe uma uzimakethela umsebenzi wazo kuyenzeka zikunike iselula nama-data mahhala. UBianca uthe phambilini bekungekho midanti kulo msebenzi kodwa abanye sebenama-agent okuyiwona abakhulumela nezinkampani. Uveze ukuthi isikhathi esiningi osaziwayo basuke bekhokhelwe uma besabalalisa ezinkundleni zokuxhumana izimpahla ezithize noma umcimbi abawuhambele.
“Okubalulekile wukuthi uzazi ukuthi uhlose ukuheha baphi abantu awugxilile emkhakheni owodwa kodwa uheha leyo makethe oyifunayo. Ungaba yi-influencer yokudla, ugcine uzitholele umsebenzi ezinkampanini ezihambisana nalowo msebenzi. Kumele uma ufaka izithombe emakhasini akho wazi ukuthi uyadayisa nangendlela obukeka ngayo, kumele ikubeke kucace.”
Esigabeni sosaziwayo Isolezwe lithole ukuthi lo msebenzi uyazizela ngenxa yokulandelwa kwabo. UNomzamo Mbatha, Somizi Mhlongo, Boity Thulo noBonang bangabanye bosaziwayo abakhokhelwa ngokuba ngamainfluencer. Kuvela ukuthi labo saziwayo benza imali eshisiwe ngokufaka isiqeshana nje bekhuluma ngomcimbi abebemenywe kuwo noma umkhiqhizo abawusebenzisile.
Kuthiwa abanye osaziwayo bafuna ukukhokhelwa ngokuthi