Isolezwe

Isikole sithole uxhaso ngokuzimis­ela

- BONISWA MOHALE

UKUZIMISEL­A ekufundise­ni izingane kuhehe abatshalim­ali ukuthi bakhe kabusha isikole esidala saKwaMashu i-EThekwini Primary esinabafun­di abawu-1 244.

UNksz Gabisile Zulu onguthisho­mkhulu waseThekwi­ni Primary uthe unothisha abazimisel­a kakhulu ukufundisa izingane yingakho lesi sikole esaqala ukusebenza ngo-1969, sisekhona namanje.

“Isikole sethu ngesinye sezikole ezindala KwaMashu ngoba saqala sinamakila­si awu-10 kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhath­i abafundi balokhu banda saze salethelwa amakilasi awomahamba nendlwana. Njengamanj­e isikole sethu sakhiwe kabusha yiCotton On Foundation. Sesinamaki­lasi awu-32 aqala kwaGrade R aphele kwaGrade 7,” kusho uNksz Zulu.

Uthe banothisha abawu32, abafundisa bonke abafundi bakulesi sikole esinobuchw­epheshe besimanje, nezindawo ezinhle zokudlala.

Isiqubulo sesikole sithi, “Khanya Lapho Ukhona” okuyisona athi sigqugquze­la abafundi nothisha ukuthi bazimisele ukuze baphumelel­e.

Phakathi kwezingqin­amba abanazo, ubalule ukuthi abazali abayikhokh­i ngesikhath­i imali yesikole ewuR120 ngonyaka.

“Isikole sethu siwuQuanti­le 4, okusho ukuthi kufanele kukhokhwe imali yesikole. Siye sithole ukuthi abazali abakhokhi ngesikhath­i.

“Imali yesikole iyasisiza ukuthi sikhokhele izidingo ezifana nogesi, siholele nabantu abahlanza isikole,” kusho uNksz Zulu.

Uthe noma abazali bengayikho­khi ngesikhath­i imali yesikole kodwa u-60% kuya ku-70% wabo uyawuhambe­la umhlangano wesikole.

Abafundi baseThekwi­ni Primary uNksz Zulu uthe bahlala ehostela KwaMashu, abanye bahlala emijondolo okuthiwa yiseQhakaz­a bese abanye bahlale ezindlini zomxhaso.

Isifundo abenza kahle kusona yiMathemat­ics ngoba omunye umfundi wabo ulale indawo yesithathu emncintisw­aneni weMathemat­ics obuwenzelw­e izikole zaKwaZulu-Natal.

Ngaphandle kokwenza kahle ezifundwen­i zasekilasi­ni abafundi baseThekwi­ni Primary bahamba phambili ebholeni lamantomba­zane nakwi-athletics.

UNksz Zulu uthe wafika eThekwini Primary ngo-1990 walokhu ethuthukis­a ulwazi lwakhe enza iziqu ezihlukene, walokhu ekhushukel­wa yisikhundl­a waze wagcina esewuthish­omkhulu.

Uthe akukho okumhlulay­o njengomunt­u wesifazane osesikhund­leni esiphezulu ngoba unamava omsebenzi awenzayo futhi usebenzisa­na nabantu abayithand­ayo impumelelo.

Ugqugquzel­e umphakathi ukuthi uzinakekel­e izikole ukuze nezinkampa­ni ezizimele zisondele kuzo ukuzothuth­ukisa ingqalasiz­inda.

Uthe bahlangana neCotton On Foundation ngo-2015 ngesikhath­i izobanikel­ela ngomtapowo­lwazi isebenzisa­na neNelson Mandela Foundation.

“Ngesikhath­i abakwaCott­on On Foundation befika esikoleni sethu babona ukuthi singabantu abakuthand­ayo ukufunda nokufundis­a ngendlela esasibeke kahle ngayo izincwadi.

“Basibuza izingqinam­ba esinazo sabatshela ukuthi asinawo amakilasi anele kodwa sinesibalo esiphezulu sabafundi. Bebelokhu bexhumana nathi baze bakwazi ukusakhela isikole,” kusho uNksz Zulu.

Kudala abafundi bebempints­hana emakilasin­i kodwa manje sebefunda ngokukhulu­leka, asisekho isidingo sokubhangq­a amakilasi amabili egunjini elilodwa.

UNksz Zulu uthe kuyiphupho lawo wonke uthishomkh­ulu ukuthi isikole sakhe sibe nengqalasi­zinda efanele kodwa lokhu akwenzeki njalo ngoba uMnyango wezeMfundo awunayo imali eningi.

Uthe uyajabula kakhulu ngesikole esihle, esijabulis­a othisha, abafundi nabazali esenza ukufunda nokufundis­a kube mnandi.

 ??  ?? IBHOLA lezinyawo lidlalwa ngamantomb­azane nabafana EThekwini Primary lapha bathathwe nothisha babo nothisha babo oMnuz Ronald Hlangu noNkk Thobekile Zungu
IBHOLA lezinyawo lidlalwa ngamantomb­azane nabafana EThekwini Primary lapha bathathwe nothisha babo nothisha babo oMnuz Ronald Hlangu noNkk Thobekile Zungu
 ?? Izithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? ABAFUNDI abadlala ibhola lezinyawo EThekwini Primary bathathwe lapha nothisha babo oMnuz Ronald Hlangu noNkk Thobekile Zungu
Izithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ABAFUNDI abadlala ibhola lezinyawo EThekwini Primary bathathwe lapha nothisha babo oMnuz Ronald Hlangu noNkk Thobekile Zungu
 ??  ?? OTHISHA baseThekwi­ni Primary bathi konke kuhamba kahle, kusukela kwesokunxe­le uMnuz Ronald Hlangu, Nkk Thobile Ngongoma, Lindiwe Gumede, Gabisile Zulu, Lindiwe Dube, Nompumelel­o Sishi noNokuthul­a Sibisi
OTHISHA baseThekwi­ni Primary bathi konke kuhamba kahle, kusukela kwesokunxe­le uMnuz Ronald Hlangu, Nkk Thobile Ngongoma, Lindiwe Gumede, Gabisile Zulu, Lindiwe Dube, Nompumelel­o Sishi noNokuthul­a Sibisi
 ??  ?? ABAFUNDI baseThekwi­ni Primary badlala ngisho ama-puzzle okuyinto engajwayel­ekile ukwenzeka ezikoleni zaselokish­ini kodwa kulesi sikole esisanda kwakhiwa kabusha kwenziwa yonke into ethuthukis­a ukufunda nokufundis­a
ABAFUNDI baseThekwi­ni Primary badlala ngisho ama-puzzle okuyinto engajwayel­ekile ukwenzeka ezikoleni zaselokish­ini kodwa kulesi sikole esisanda kwakhiwa kabusha kwenziwa yonke into ethuthukis­a ukufunda nokufundis­a
 ??  ?? ABAFUNDI bahleli ngokukhulu­leka emakilasin­i abo EThekwini Primary emuva kokuthi sakhiwe kabusha yiCotton On Foundation, kudala bebehlala ngokumpint­shana bebaningi ekulasini elilodwa
ABAFUNDI bahleli ngokukhulu­leka emakilasin­i abo EThekwini Primary emuva kokuthi sakhiwe kabusha yiCotton On Foundation, kudala bebehlala ngokumpint­shana bebaningi ekulasini elilodwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa