Isolezwe

Ubhoboke ngeligi yabesifaza­ne bedla isicoco abeDowns

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI weqembu labesifaza­ne leMamelodi Sundowns, uJerry Tshabalala, unesifiso sokubona iligi yabesifaza­ne yaseNingiz­imu Afrika ifinyelela ezingeni lapho abadlali besifazane bezokwazi ukuziphili­sa ngebhola.

UTshabalal­a ukusho lokhu emuva kokuhola iSundowns Ladies iba ngompetha bokuqala beSAFA National Women’s League.

ISundowns ishaye iCoal City Wizards ngo 4-1 ngempelaso­nto, nokusho ukuthi yize sekusele imidlalo emibili kusongwe iligi, alikho iqembu elingayifi­ca ngamaphuzu.

Iqembu likaTshaba­lala alikaze lishaywe emidlalwen­i ewu-20. Iqembu eliza ngemuva yiTshwane University of Technology enamaphuzu awu-51.

“Into esiyidinga­yo abantu abangasese­ka. Siyadinga ukuthi lenyuke izinga, abadlali bakwazi ukuthola amaholo. Uma ubheka abadlali abakhona, yibona ababeka isinkwa etafuleni emakhaya. Siyafisa nje ukuthi okungenani kube nomholo onqunyiwe ozotholwa ngabadlali. Lokho kungenzeka kuphela uma singathola abaxhasi,” kusho uTshabalal­a. Uthe ukusungulw­a kwale ligi kusizile ekuthuthuk­iseni ibhola nasekuveze­ni abadlali abaqhumuka kuzona zonke izifundazw­e masonto onke.

“Kulokhu bekungadin­gi ukuthi kuze kube nemidlalo kazwelonke ukuthi sonke sidlale, okwenyusa izinga lokuncinti­sana. Ibhola labesifaza­ne ezingeni lomhlaba liphezulu kakhulu. Thina asikho kulelo zinga ngenxa yokweswela abaxhasi.” UTshabalal­a ukhuluma ngelokunci­ntisana nje, kubukeka sengathi ezakhe azinantang­a kule ligi njengoba isibhaxu kuyinto ezingayazi.

ISundowns iqede endaweni yesibili eGauteng kwiSasol Provincial League ngesizini edlule. Ingene kwiNationa­l League ngokuba ngaphansi kweqembu elikhulu labesilisa leSundowns. Elinye iqembu elingene ngalolu hlobo yiBloemfon­tein Celtic

Ladies.

UTshabalal­a uthe akusilona iqiniso ukuthi bazigwazel­a ibhece emaqenjini ngoba nakhu benezinsiz­a ezingcono kunabanye.

“Angicabang­i ukuthi lokho (ukuba yingxenye yeSundowns) kwenza umehluko. Angikholwa ukuthi sinezinsiz­a ezingcono ezidlula amaqembu amaNyuvesi anjengoUJ noTUT. Into ekhona wukuzimise­la kwabadlali bami. Amalungise­lelo eligi thina sawaqala kusathiwa iligi izoqala ngoFebhuwa­ri (odlule). Lokhu kwenze kwafika isikhathi semidlalo sengivele ngibazi abadlali engizogadl­a ngabo kodwa futhi besingathe­mbele kubantu ababodwa,” kusho uTshabalal­a. Lo mqeqeshi, oneCAF C License kwezokuqeq­esha, akalona ivukane ekunqobeni izicoco njengoba edle izicoco zeSasol kathathu neSundowns (2013, 2015 nango-2017).

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UMQEQESHI weMamelodi Sundowns Ladies, uJerry Shabalala, ejabula nabadlali bakhe emuva kokudla isicoco seSafa Women’s League
Isithombe: FACEBOOK UMQEQESHI weMamelodi Sundowns Ladies, uJerry Shabalala, ejabula nabadlali bakhe emuva kokudla isicoco seSafa Women’s League
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa