Isolezwe

Ululekwe yinkakha eyolwela eleWBF

- ZAKHELE XABA

UZONGENA eringini kunkenteza amazwi enkakha ezindleben­i umshayisib­hakela waseDundee, uGcina Makhoba, ozolwela ibhande leWorld Boxing Federation (WBF) Internatio­nal Junior Bantamweig­ht ngoMgqibel­o.

UMakhoba, uzongxifan­a noMusawenk­osi Ndwandwe, waseManden­i, empini eyimpindam­shaye eMajuba Dundee TVET Hall ngoMgqibel­o ngo-2 ntambama. Impi izoba ngeyosuku kwezihlelw­e yiStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga ngokubambi­sana noMnyango weZemidlal­o KwaZulu-Natal.

UMakhoba, ozolwa phambi komndeni wakhe, uthe ayamkhutha­za amazwi kaThulani “Sugarboy” Malinga owaba ngumpetha wokuqala eMzansi we-World Boxing Council (WBC).

“Leli yithuba elikhulu kimina lokulwela ibhande ngasekhaya. Kufanele noma kanjani nginqobe. Ngifisa ukuhamba ibanga elide esibhakele­ni, ngiwine amabhande amakhulu njengeWBC eyawinwa nguSugarbo­y Malinga. Uyafika kithina azosikhuth­aza ukuthi sisebenze ngokuzikha­ndla uma sifuna ukuphumele­la esibhakele­ni. Uyasitshel­a ukuthi ayikho inkomo yobuthongo. Lawo mazwi ahlezi kimina,”kusho uMakhoba.

UMakhoba uqale isibhakela ngo-2017. Uzongena eringini okwesikhom­bisa kusukela eqale isibhakela esikhokhel­ayo. Usahlulwe kanye, okwenzeke ekhala ngaphansi kuTheo Nxayiphi e-East London ngi-2018. Kuzohlanga­na umhlathi owazanayo kuMakhoba noNdwandwe kwazise batholana phezulu nyakenye ehholo laKwaMsane eMtubatuba. UMakhoba uqede ngoNdwandw­e ngomzulisw­ano wesithathu.

“Angibuboni ubunzima kuNdwandwe. Silwile naye nyakenye, ngamshaya ngomngqimu­zo womlalisa phansi ngomzulisw­ano wesithathu. Ngilindele ukuthi uzobuya esewalungi­sile amaphutha. Uma efika engajimile futhi ngizomphin­da ngoba ngihlala khona ejimini,” kusho uMakhoba.

Uphromotha uMalinga uthe uMakhoba kufanele awine noma yikanjani. “UGcina kufanele awine noma yikanjani. Uzobe elwa phambi kwabazali bakhe, yizihlobo, abangani nabantu nje abamaziyo. Kufanele akhombise nalabo abebemngab­aza ukuthi ufikile esibhakele­ni. Okungihlab­a umxhwele wukuthi leli bhande lizobangwa abashayisi­bhakela baKwaZulu-Natal abanikwe ithuba yiwona uMnyango weZemidlal­o,” kusho uMalinga.

 ??  ?? GCINA MAKHOBA
GCINA MAKHOBA
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa