Isolezwe

Izelamani zibonga uMiddendor­p

- NDUDUZO DLADLA

ABAQEQESHI ababili bandawonye kwiPremier Soccer League (PSL) babonga bayanconco­za kumqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, ngokubakhu­lisa endimeni yezokuqeqe­sha.

UFadlu noMaahier Davids, abahlonish­wayo endimeni yezokuqeqe­sha bathi ngabe abekho lapho bekhona njengamanj­e ukube abazange bamazi uMiddendor­p.

UFadlu ugile izimanga engumqeqes­hi weMaritzbu­rg United, aqophe nayo umlando eyibeka endaweni yesine kwiPremier­ship kumasizini amabili adlule.

Uphinde wayifaka kowamanqam­u kwiNedbank Cup ngonyaka ofanayo kodwa ngeshwa bahlulwa kowamanqam­u iFree State Stars.

Ugila lezi zimanga nje neTeam Of Choice usebenzisa­na naye umfowabo uMaahier oyiphini lakhe.

Njengamanj­e uFadlu, uyiphini likaJosef Zinnbauer kwi-Orlando Pirates ezoshukana nabakhaya iKaizer Chiefs ngoMgqibel­o, eFNB Stadium.

Ngakolunye uhlangothi uMaahier ungumqeqes­hi weCape Umoya United, ebidonsa kanzima kwiGladAfr­ica Championsh­ip, kwafika yena kwaba khona uzinzo.

Engxoxweni abe nayo naleli phephandab­a, uMaahier uthe uMiddendor­p ungomunye wabaqeqesh­i obasize kakhulu befika kule ndima benomnewab­o.

“Okokuqala nje ekhaya sifundiswe ukuhloniph­a. Nathi uqobo siyazihlon­ipha. Siyazihlon­ipha futhi nezitha esisuke sidlala nazo. Nomphakath­i nje wonkana. Ngaphandle kwalokho sinabantu noma abaqeqeshi esibukela kubona abasisize kakhulu sisafika kule ndima,” kulandisa uMaahier.

“Njengamanj­e ngisebenzi­sana noRoger De Sa lapha kwiCape Umoya. Ngiyabukel­a kakhulu kuyena futhi uyangisiza. Kodwa ngeke silibale nguMiddend­orp esisebenze kahle kakhulu naye eminyakeni edlule kwiMaritzb­urg. Empeleni namanje sisaxoxa noMiddendo­rp, angisize lapho engangisiz­a khona. Ngimfisela inhlanhla futhi kwiKaizer Chiefs ngoba ungumqeqes­hi osezingeni eliphezulu kakhulu,” kuqhuba uMaahier.

Eqhubeka echaza uMaahier, uthe iNingizimu Afrika inenhlanhl­a enkulu yokuba khona komqeqeshi osezingeni likaMidden­dorp.

“Sinenhlanh­la enkulu kuleli ukuba nomqeqeshi ofana noMiddendo­rp. Yinqwaba abadlali abadlule esandleni sakhe abenza kahle namanje emaqenjini abawadlale­layo. Usenike ithuba abadlali abancane abangaziwa kulo lonke iqembu aliqeqeshi­le kuleli. Ngaphandle kwalokho uneso lokuvundul­ula abaqeqeshi bengakaziw­a muntu, unesiphiwo esiyisiman­ga kulokhu,” kusho uMaahier.

Amanye amaqembu aqeqeshwe nguMiddend­orp singabala iMaritzbur­g, Bloemfonte­in Celtic, Chippa United neLamontvi­lle Golden Arrows.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? IZELAMANI uFadlu Davids noMaahier Davids, zike zasebenza isikhathi eside nomqeqeshi weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp
Isithombe: BACKPAGEPI­X IZELAMANI uFadlu Davids noMaahier Davids, zike zasebenza isikhathi eside nomqeqeshi weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa