Isolezwe

Ukhathazek­ile ngezembe elilengela omkhaya

- ZAKHELE XABA

OWAYENGUMG­ADLI weMpumalan­ga Black Aces, uMpho Maleka, ukhathazek­ile ngezembe elilengela amaqembu angakubo eLimpopo, adlala kwi-Absa Premiershi­p.

Womathathu amaqembu aseLimpopo, iBlack Leopards, Polokwane City neBaroka akwamane asengcuphe­ni yokudliwa yizembe ekupheleni kwesizini ka-2019/2020. Abambene ngamaphuzu angu-20. Emsileni kuhlezi AmaZulu, okuyilona kuphela iqembu laKwaZulu-Natal elisengozi­ni yokugawulw­a yizembe.

UMaleka, owagawulwa yizembe neBlack Aces ngamasizin­i adlule, uthe ukwehlela ehlathini kweqembu laseLimpop­o kungasibuy­isela emuva isifundazw­e.

“Isimo sibi kakhulu manje. Womathathu amaqembu kufanele kube khona esikwenzay­o ukuze asinde ezembeni. Kudingeka abadlali babhukule, bacabange ukuthi kuzosho ukuthini ukudliwa yizembe. Ngikhuluma ngento engiyaziyo ngoba langidla izembe ne-Aces. Ngiyasazi isimo abadlali abakuso. Uma singalahle­kelwa yiqembu elilodwa siyisifund­azwe kungasho ukubuyela emuva. Besilwela ukunyusa elesine iqembu. Ngakho asikwazi ukulahleke­lwa ngelinye,” kusho uMaleka.

Womathathu amaqembu aseLimpopo asebashint­shile abaqeqeshi kule sizini. NgeSonto amabili angase ashovelane obishini uma iPolokwane isibhekene neLeopards, ePeter Mokaba Stadium ngo-3.30 ntambama. Ngaleso isikhathi iBaroka iyobe iyohlwaya amaphuzu kwiCeltic eDr Molemela Stadium, eFree State.

UMaleka uwine indebe yeMTN 8 neMoroka Swallows ngaphambi kokuthi leli qembu ligawulwe yizembe. Uphanyeke amakhokho emgibeni eseyibamba kwiBaroka ngesizini ka-2013/2014.

“Kudingeka kuhlangane wonke umuntu osebholeni eLimpopo. Kungaba abaqeqeshi, abadlali beminyaka edlule, yizikhulu nodokotela bengqondo, sihlangane sonke sithole ikhambi ngoba isimo sibi. Akusebenzi manje ukwenza into yakho uwedwa eceleni. Ukuhamba kweqembu kuzosho ukushabala­la kwamaphuph­o kubadlali abadlala emaqenjini eMultichoi­ce Diski Challenge (MDC) asebethemb­ile ukuthi bazonyukel­a esikimini esikhulu,” kusho uMaleka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa