Isolezwe

Uphinde wahlambala­za umqeqeshi weVUT

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UPHINDE wahlambala­za umqeqeshi weVaal University of Technology, uStanford Nkoana, ngesikhath­i ekhishwa yiMamelodi Sundowns ayingcofe ngokuba nezitobha ezingamakh­ehla kwi-Last 16 yeNedbank Cup emdlalweni obungeSont­o, eLucas Moripe Stadium.

UNkoana, ochazwe umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows, uSteve Komphela, njengomunt­u ofuna ukuduma ngaye kulandela inkulumo ayenze ngaphambi koweLast 32 yeNedbank, ukuphindil­e lokho echaza iqembu likaPitso Mosimane njengeline­nhlanhla futhi eliyohambe lisinda.

Lo mqeqeshi ubebuzwa ngaphambi kokudlala kwakhe ne-Arrows, impendulo yakhe ayizange ithinte lutho okumayenal­a nomdlalo kodwa wagxila ekunakeni ukuthi isiNgisi sikaKomphe­la ngeke simsize ngalutho enkundleni.

Ukuphindil­e lokhu ngemuva kokukhishw­a yiSundowns ngo 2-0 wamagoli kaWayne Arendse (oyisitobha) noPhakaman­i Mahlambi obesuka ebhentshin­i. NgokukaNko­ana, iSundowns iphunyukil­e.

“Ngokomdlal­o ngokwami besilingan­a ngoba kunezikhat­hi lapho bebekhombi­sa khona ukuthi bangaphezu­lu kodwa nathi zikhona futhi izikhathi lapho besiba khona ngaphezulu kwabo. Okusisizil­e ukuthi besazi ukuthi ukuwola kwabo amakhadi emdlalweni weligi phakathi nesonto bekusho ukuthi isikimu sizoshints­ha.

“Bonke laba badlali abebebafak­ile abayona imiqemane ngokwanele ngoba abajwayele ukudlala. Okwethu bekuwukuci­ndezela lokho okuyinto engicabang­a ukuthi izwe lonke libonile siyenza saze saya ekhefini kungu 0-0. Ngesikhath­i ngihlelela lo mdlalo obekungibu­sa ukwazi ukuthi kuzodlala abadlali abanyiwa isikimu. Ngaphandle kokungabi nalo ijubane, iningi labo selingamak­hehla,” kusho uNkoana. Lo mqeqeshi akazange athuke uReitumets­e Hlongwane egeja iphenathi.

“Kuyona yonke imidlalo uhlale ewadumisa enethini ngakho bengilinde­le lokho. Uma umgadli onjengaye egeja iphenathi kufanele wehlise umoya ukhumbule ukuthi ibhola linjalo. Ngineme ngokuningi esikufundi­le kulo mdlalo futhi nginesiqin­iseko sokuthi uma sesibuya ngokuzayo sizobe sesingcono kakhulu kunalokhu esiyikhona manje.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa