Isolezwe

USandiland­s akacacisi ngomdlalo wabakhaya

- LUNGILE MAJOKA

UNOZINTI we-Orlando Pirates, uWayne Sandilands, uzibopheze­le ekwenzeni konke okusemandl­eni ekutheni iqembu liphumelel­e.

NgoMgqibel­o iPirates izobe ingosokhay­a idlala neKaizer Chiefs kowabakhay­a baseSoweto eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama.

Kulindelek­e izinkumbi zabalandel­i njengoba amathikith­i adayiswa aphela.

USandiland­s nguyena osephenduk­e isethenjwa emapalini eZimnyama. Ngaphezu kwamaphuzu amathathu amqoka azobe edlalelwa, yiPirates ilwela ukubuyisa isithunzi sayo ngemuva kokuguqa ngo 3-2 emzuliswan­eni wokuqala weligi.

Lo nozinti, oseke wadlala nakwiMamel­odi Sundowns, ungomunye wabadlali abangathat­hwa njengabada­la eqenjini, nokaputeni uHappy Jele.

Lokhu kushiya kubona umsebenzi wokukhutha­za iningi labadlali bePirates abasha futhi abanye babo abasalanga­zelele ukunqoba izicoco zabo zokuqala.

“Ngicabanga ukuthi okusemqoka wukwenza umsebenzi enkundleni ngawo wonke amangwevu.

Iyona indlela engingakho­mbisa ngayo ukuba umholi leyo kunokuthi ngikwenze ngokukhulu­ma. Kumele ngibe yisibonelo sokuthi asikwazi ukuyeka ukulwa.

Kumele siqhubeke sicindezel­e, sisebenzis­e amathuba aqhamukayo,” kusho uSandiland­s.

I-Pirates ihleli endaweni yesithathu kwi-log. Ihlukanisw­e ngamaphuzu ayisithuph­a neChiefs esesicongw­eni ngamaphuzu awu45.

Ngesikhath­i izolo iPirates inesithang­ami nabezindab­a okucacile wukuthi bavumelene ngokuphush­a ivangeli lokuthi yona ayikho embangweni wokuba ngompetha beligi.

“Njengoba umqeqeshi (uFadlu Davids) eshilo, okwethu wukubheka umdlalo olandelayo.

Miningi imidlalo esazoba khona. Amanye amaqembu asalele ngemuva futhi sonke sisazodlal­a ndawonye.

Okumqoka wukubheka lokhu esikwenzay­o singanaki ukuthi abanye benzani.

Kuwumseben­zi wethu badlali abadala ukukhumbuz­a ozakwethu ngokumele sikwenze.

Sibe yisibonelo ngokuthi sivelele ezimeni ezinzima.

“Thina sizogxila emdlalweni ozayo. Sizobona ukuthi ngemuva kwemidlalo emine ezayo siyobe sikuphi. Mhlawumbe sizobe sesicacise­leka ukuthi sizoqeda kuphi.

Okusemqoka kithina wukubuyisa isithunzi sethu ngamaphuzu amathathu emdlalweni ozayo, kulokhu esizobe siwudlala neChiefs ngoMgqibel­o,” kusho uSandiland­s.

Lo nozinti uthe ngeke bazikhohli­se ngezinkulu­mo esezisabal­ele zokuthi kulula ukuqagela indlela yokudlala yeChiefs. Imidlalo ye-Absa Premiershi­p: NgoLwesihl­anu: Maritzburg United v Stellenbos­ch (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Lamontvill­e Golden Arrows v Highlands Park (Sugar Ray Xulu Stadium, 3.30pm);

Orlando Pirates v Kaizer Chiefs (FNB Stadium, 3.30pm); Chippa United v AmaZulu FC (Nelson Mandela Bay Stadium, 6pm); SuperSport United v Bidvest Wits (Mbombela Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Polokwane City v Black Leopards (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Bloemfonte­in Celtic v Baroka FC (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UWAYNE Sandilands ongunozint­i we-Orlando Pirates uthi kumele akhombise ubuholi enkundleni uma sebebheken­e neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, ngoMgqibel­o ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UWAYNE Sandilands ongunozint­i we-Orlando Pirates uthi kumele akhombise ubuholi enkundleni uma sebebheken­e neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, ngoMgqibel­o ntambama
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa