Bazoshubisa abalingisi beSibaya abasha
KUZOGQAMA ubuso obusha emdlalweni Isibaya njengoba belokhu bevelile abalingisi abasha abazojoyina lo mdlalo ngesizini entsha, ezoqala ngoMashi 9.
Kuwona sekucacile ukuthi abalingisi ababili, okukhona kubo owagqama umdlalo usaqala, uNomzamo Mbatha (Thandeka) noMenzi Ngubane (Judas), bayawushiya.
Ngokwamazwibela athunyelelwa abezindaba kuvela ukuthi uThandeka noJudas bazodutshulwa njengoba kukhona impi eqhubekayo phakathi kwabakwaNgwenya nabakwaZungu.
UThandeka uyoze afihlwe ekuqaleni kwesizini entsha ezoqala ngoMashi 9.
Isolezwe laba ngelokuqala ukuveza ukuthi yona le ntokazi iyashiya emdlalweni njengoba isifuna ukuyogxila phesheya kwezilwandle lapho kumanje iqopha khona ifilimu iComing to America 2, ezophuma ngoDisemba.
Kuzothi maphakathi noMashi bese kudutshulwa uJudas, oyoze afihlwe ekupheleni kukaMashi.
Kubalingisi abasha abazojoyina umdlalo kuvela uTiisetso Thoka, ozolingisa indawo kaMickey.
UTiisetso unamava emkhakheni wokulingisa, kuleli njengoba eke wabonakala emidlalweni okukhona kuyo iThe Herd,
Isithembiso, Imposter neminye.
Kulo mdlalo uzofika ewumndeni nabalingisi Isolezwe eselike labika ukuthi sebejoyine lo mdlalo, okungu-Enhle Mlotshwa (Sizakele Sibiya) noHamilton Dlamini ( Andile Sibiya).
Kuwona uyindodana ka-Andile futhi uzosebenza nodadewabo njengoba usemkhakheni wezokuxhumana futhi uzosebenzisana noJabu (Pallance Dladla).
Ngokuthola kwaleli phephandaba kuvela ukuthi uSiza noMickey bafuna ukuqumba phansi umndeni wakwaZungu, kube yibo ababa ngomakhonya eBhubesini.
“Bajabule ngokushona kukaThandeka ngoba nguye abebembona eyintombazane ehlakaniphile,” kusho umthombo.