Izwe selikulungele ukuba nebhange likahulumeni: Mboweni
ININGIZIMU Afrika isikulungele ukusungula ibhange likahulumeni. Usho kanje uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, ethula isabelomali sikaR1.954 trillion izolo.
UMboweni uthe ngoJulayi wonyaka odlule ubenike iphini lakhe umsebenzi wokuthi licwaninge ngokusugulwa kwebhange likahulumeni, uyajabula ukuthi kuyimanje izinhlelo zokulisungula zihamba kahle.
Uthe ibhange likahulumeni lizolandela imithetho yamabhange, lilawulwe yiPrudential Authority ebhekele ukusebenza kwamabhange nezinye izikhungo ezisebenza ngemali.
Uveze ukuthi uhulumeni uzoba nesikhwama esibizwa ngeSouth African Sovereign Wealth Fund sizoba noR30 billion.
Uthe ukusungulwa kwalesi sikhwama kuzokonga imali ezosiza izizukulwane ezizayo.
Imali yalesi sikhwama izophuma kuphethroli, igesi nasemalini eyenziwa uma kudayiswa okumbiwayo.
“Lesi sikhwama sizoqinisekisa ukuthi siyakwazi ukutshala imali entuthukweni ezosiza izizukulwane ezizayo,” kusho uMboweni.
Uveze nokuthi iSABC izothola uR1.1 billion ngenyanga ezayo kuR3.2 billion eyayabelwe wona ngonyaka odlule, ukuze itakulwe.
Uthe le mali izosiza iSABC ukuthi ikhokhele izikweletu zayo kodwa kufanele iyiphathe kahle, iqinisekise ukuthi ilandela imithetho yokusebenza, ibheke namathuba ezinkampanini ezizimele.
I-Denel uyabele uR576 million, ukuze ikwazi ukuqhubeka nokusebenza emuva kokuvela kokuthi inezinkinga zemali.
I-Transnet kuvele ukuthi inyuse inzuzo yayo ngoR6 billion ekubeni iboleka ngokwemali esuke inayo. UMboweni uzwakalise ukukhathazeka ngokungabi bikho kukagesi ezweni, wathi uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ugesi uba khona ukuze kukhule umnotho.
Uthe bafake uR230 billion eminyakeni ewu-10 ezayo ukulungisa izinkinga zikagesi.
Uthe kuzoba nezinhlobo ezihlukene zikagesi, okubalwa ongangcolisi imvelo nomoya. I-SAA izonikwa uR16.4 billion ukuze ikhokhele izikweletu.