Kubuye ithemba ngesabelomali
SIBUYISE ithemba isabelomali sikaR1. 954 trillion esithulwe wuNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, kwazise akamemezelanga ukunyuka kwentela yabasebenzi nekhokhwa uma uthenga obekuthiwa ingase inyuke.
Izolo, uMboweni (osesithombeni) uthe uthisha ohola uR460 000 ngonyaka ozobona intela ayikhokha ngonyaka yehla ngoR3 400.
Uthe abanye abasebenzi abahola uR265 000 ngonyaka bazobona intela abayikhokha ngonyaka yehla ngoR1 500.
Uqhube wathi umuntu ohola uR10 000 ngenyanga uzokhokha intela engaphansi kuka-10%. “Intela ekhokhwa uma uthenga impahla ngeke inyuke, angazi ukuthi laba akade bethi izonyuka bebeyithathaphi le ndaba? Namhlanje ngize nenhlaba lapha ePhalamende ngoba ikhula noma isimo sinzima. Umnotho wethu awukhuli kahle, silindele ukuthi ukhule ngo-0.9% kulo nyaka bese amandla emali ame ku-4.5%,” kusho uMboweni. Uthe imali eshodayo wuR370.5 billion bese isikweletu sezwe siba kuR3.56 trillion. Uveze ukuthi imali esetshenziswa wuhulumeni izonyuka ifike kuR2.14 trillion ngonyaka ka-2022/23. UMboweni ushayelwe izandla ngesikhathi ememezela ukuthi ngeke isakhokhwa imali yokubhalisa amabhondi uma kuthengwa imizi ebiza uR1 million nangaphansi. Imali eningi uyabele ezemfundo lapho etshale uR396 billion, kwalandela ezempilo ngoR230 billion, nezokuthuthukiswa komphakathi ngoR310 billion. UMboweni uthe izinhlelo zokudala amathuba omsebenzi zihamba kahle ngoba kuyimanje iJobs Fund idale amathuba omsebenzi awu-175 000, yasiza abantu abasha abawu-21 000 ukuthi bathole amathuba okufundela umsebenzi yadala namatoho awu-59 900.
Uveze ukuthi u-65% wabantu abaqashiwe bekungabantu abasha. Uphinde wathi bazotshala uR1.2 billion kwi-Innovation Fund exhasa osomabhizinisi abanamasu azodala amathuba omsebenzi.
“Sizofaka nemihlomulo kaR18.5 billion ezoholela ekutheni sigcine amathuba omsebenzi awu-56 500,” kusho uMboweni. Uthe kule minyaka emithathu ezayo uhlela ukwehlisa isabelomali samaholo kahulumeni ngoR160 billion.
“Abasebenzi bakahulumeni basebenza ngokuzikhandla ngaphansi kwezimo ezinzima. Phakathi kuka-2006/7 siqashe abantu abawu-190 000 okusho ukuthi namaholo anyukile. Kuthe ngo-2011/12 sathi ukuma ekuqasheni abantu.
“Kodwa siyabona ukuthi kufanele siqashe abantu uma sesinozinzo kwezezimali. Sidinga ukuqasha kwezemfundo, emaphoyiseni nakwezempilo,” kusho uMboweni.