Abesifazane bavikelwa ngoR15m
KUZOTSHALWA uR15 million ukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kuleli.
UNgqongqoshe wezeZimali uMnuz Tito Mboweni, izolo ethula isabelomali uthe eminyakeni emithathu ezayo babeke eceleni imali enguR15 million ezosetshenziswa emikhankasweni ehlukene yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli.
“Le mali izokhuphuka ifike kuR853 million ngo-2022/2023, ngenhloso yokuba kwandiswe imikhankaso yokuthuthukisa abesifazane kwezomnotho, amalungelo abantu abakhubazekile nokuseka izinhlelo zokuthuthukisa abantu abasha,” kusho uMboweni.
Ngaphezu kwalokho kubekwe imali enguR651.9 million, ezosetshenziswa ezifundazweni ukuhlinzeka amaqakelo kubafundi besifazane kusukela kwaGrade 7 kuya ku-12, ezikoleni zakuleli, ikakhulukazi lezo ezingamile kahle.
Lokhu ukubhekela abesifazane kwamenyezelwa wuMengameli Cyril Ramaphosa, ngesikhathi ethula inkulumo ebhekiswe esizweni, ukuthi bazobeka imali ezolekelela imikhankaso yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane kuleli. Khonamanjalo, iNational Prosecuting Authority (NPA), uphiko lwabaphenyi iSpecial Investigating Unit (SIU) neDirectorate for Priority Crime Investigation (DPCI), banikezwe uR2.4 billion.
Bazobe sebekwazi ukuqasha abaphenyi abangu-800 nabashushisi abangu-277, abazolekelela emisebenzini okuvele ukuthi kunesikhathi ingaphothulwa, amacala okukhwabanisa nokubhekela amacala okuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Amanye amacala abazowabheka yilawo avele kwiKhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana kuleli eqhubekayo.
UMnyango wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo wona kulesi samba, uzothola uR1.8 billion.
Kubhekwe ukuthi ukwazi ukuba ubhekana nokusungulwa kophiko oluzoqula amacala aqondene nokuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli kuphela.
Lokhu bathe bathemba kuzoqeda amacala agcina ephelele emoyeni amanye aduve ezinkantolo engathethwa.
Kuzophinde kubuyise nethemba kubantu bakuleli ukuba bethembele kwezomthetho.