Kushubile kuxabana imeya nemenenja
SISHUBILE isimo phakathi kweMeya kaMasipala Umkhanyakude, uMnuz Solomon Mkhombo neMenenja yakhona uMnuz Mxolisi Nkosi kwazise imeya isola uNkosi ngokuzithathela izinqumo yedwa.
Isolezwe lithole ukuthi uMkhombo ubhalele uNkosi incwadi ekhala ngokuthi akayilandeli imithetho yokuphatha.
Encwadini uMkhombo uthe kuqokwe onogada ngaphandle kokulandela umthetho wokusebenza kwezimali komasipala (MFMA Section 173) wacela ukuthi uNkosi akubike emaphoyiseni kungakapheli izinsuku ezintathu kungenjalo uzohamba ayozibikela yena udaba.
Uveze ukuthi kuqokwe abantu ababili abazofundela umsebenzi ngaphandle kokulandela umthetho wokuqashwa kwabantu kodwa azikho izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe ezithathelwe abenze lokho.
Uthe uNkosi uvamise ukusukumela phezulu uma kwenzeka izinto ezifuze lezi kodwa kulokhu uhudula izinyawo.
UMkhombo ukhale ngokuthi uNkosi ufake enkantolo yabasebenzi udaba lokukhushulwa kwamaholo abasebenzi abawu-16 yimenenja yakudala kamasipala, ngaphandle kokwazisa imeya namalungu omkhandlu.
“Ngikholwa wukuthi lolu daba belungabikwa emkhandlwini ngaphambi kokuthi luyiswe enkantolo yabasebenzi. Zikhona izindaba ezibalulekile okufanele zibhekwe, njengolwabantu abamashela izidingo. Kuyishwa ukuthi lo mkhandlu uzomosha imali ezinkantolo ngodaba olungaphuthumi,” kusho uMkhombo encwadini.
Uthe ngoFebhuwari 13 kumiswe isikhulu ebesiphethe izimali, kwase kuqokwa obeyiphini laso ngaphandle kokulandela umthetho.
UMnuz Makhosonke Sithole wekhokhasi ye-IFP kuMasipala Umkhanyakude, uthe abazi lutho ngezinqumo ezithathwa wuNkosi ngaphandle kokwazisa amalungu omkhandlu ngoba izinqumo zithathwa emkhandlwini.
“Sisola ukuthi kukhona okuphakathi kwemeya noNkosi, okungathinti ukuphathwa komkhandlu. Into esivumelana ngayo wukuthi ikhona inkohlakalo esize yagxila kulo masipala ophethwe yi-ANC.
Siyibonile incwadi ebhalwe yimeya kodwa sibona sengathi kukhona impi esiholele ekutheni abantu bakhombane ngeminwe. Kukhona uhlangothi lwe-ANC oluthi imenenja kamasipala ikhohlakele nolunye oluthi kukhohlakele obephethe imali,” kusho uSithole.
Uthe lokhu okuvelayo yimithonseyana ngoba kunezinhlelo zamanzi ezingapheli eselokhu zaqala ngo-2013.
Uphethe ngokuthi bazozwa namhlanje emhlanganweni womkhandlu ukuthi kwenzekani.
Imizamo yokuzwa uvu lukaNkosi ayiphumelelanga ngoba ehhovisi lakhe kuthiwe akekho, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa ne-sms athunyelelwe yona akayiphendulanga.