Abezepolitiki bancome isabelomali sikaMboweni
IZINHLANGANO zepolitiki ePhalamende zincome isabelomali sikaNgqongqoshe weziMali, uMnuz Tito Mboweni, ngokungayinyusi intela ekhokhwa uma uthenga naleyo ekhokhwa ngabasebenzi.
UMboweni wethule isabelo sikaR1.95 trillion sonyaka wezimali u-2020/21 eKapa izolo emini.
Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, uthe kube yizindaba ezimnandi ukunganyuswa kweValue Added Tax (VAT) nentela ekhokhwa abasebenzi.
“Lokhu kuzokhuphula nesibalo sabatshalizimali. Ukunyuswa kwentela kacwazi kuyizindaba ezimnandi ngoba kuzokwenza abantu bapheze ukulahla udoti noma yikanjani. Izinhlelo zokuthuthukiswa kwengqalasizinda, okufaka phakathi nokwakhiwa kwenyuvesi Ekurhuleni kuzodala amathuba omsebenzi,” kusho uMabe.
UMabe uncome ukumenyezelwa kwebhange likahulumeni elizolekelela amabhizinisi kahulumeni nabantu ngoxhaso lwezimali namalayisensi okuzivulela amabhange amancane.
“Kuhle nokumenyezelwa kwesikhwama sezwe sokulondoloza imali i-Sovereign Wealth Fund ezosiza isizukulwane esizayo.”
UMnuz Geordin Hill-Lewis weDA, uthe zehla kamnandi izindaba zokunganyuswa kwentela.
Uthe luzosusa umsindo phakathi kukahulumeni nezinyunyana udaba lokubuyekezwa kwesabelomali sabasebenzi bakahulumeni.
UMengameli we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe asijabhisi isabelomali uma uzobuka isimo somnotho esikusona njengezwe.
Uthe kubajabulisile ukumenyezelwa kwebhange likahulumeni nesikhwama sezwe sokulondoloza athe ngamasu e-EFF.
“Sijabhiswe wukwehliswa kwesabelomali somasipala, okuyibona abenza umsebenzi omkhulu. Akuthuthukiswe umnotho ngokuthengwa kwezimpahla ezikhiqizwe kuleli, kuxhaswe amabhizinisi asathuthuka khona kuzodaleka amathuba omsebenzi. Kuyacaca uMboweni akanalo uhlelo lokudala amathuba omsebenzi.”
UMnuz Narend Singh we-IFP, uncome ukunganyuswa kwentela kodwa wathi ubemncane umehluko enkulumeni kaMboweni nayekuthembise ngonyaka owedlule.
“Kusaculwa iculo elilodwa ngokutakula izinkampani zikahulumeni ngezizumbulu zemali engabe isetshenziselwa ukushintha impilo yabantu bakuleli. Sidangele ngokwehliswa kwesabelomali kwezemfundo, ezempilo neyezinto ezithuthukisa umphakathi.”
UMnuz Ahmed Shaik Emam weNFP, uncome uMboweni ngokucabangela abamabhizinisi.