Obephuza epitsini ufuna isixazululo kwelamanzi
UFUNA ukuba yisixazululo ezinkingeni zamanzi ezikhungethe elakuleli, usosayensi waseMtubatuba osanda kuqokelwa esikhundleni esisha eMnyangweni wezaManzi nezokuHanjiswa kweNdle.
UMnuz Samkele Mnyango (27), uyi-production scientist kulo mnyango kanti wenza nonyaka wesibili ezifundweni zomthetho e-Unisa. Utshele Isolezwe ukuthi bambalwa ososayensi bezamanzi abeneziqu zomthetho, yingakho ekhethe lo mkhakha. Inhloso yakhe ngokwenza izifundo zomthetho ukubheka ukuthi izimboni, omasipala, nemiphakathi iyayilandela yini imigomo ehambisana nokuvikelwa kwamanzi?
“Ngithole ukuthi kubalulekile ukukwazi ukuqonda ukuthi isayensi ihlangana kanjani namanzi. Bambalwa abantu abasemkhakheni wezamanzi abazi ngomthetho, yingakho kwesinye isikhathi bethatha izinqumo ezingafanele. Ngizimisele ukwazi kabanzi ngomthetho othinta ezamanzi, okungaba yisixazululo ezinkingeni esibhekene nazo.”
UMnyango kumanje wengamele uhlelo lokubheka izindlela zokuhlanza amanzi olwenziwa esigabeni sikazwelonke. Uthe njengoba engumxhumanisi kulolu hlelo, umatasa nokucwaninga ngezindlela ezingasetshenziswa ukuze amanzi ahlale ehlanzekile.
Uveze ukuthi ukungcola kwamanzi akuyona into yamanje kodwa sekuya ngokwedlulela.
“Ukungcola kwamanzi kubulala ngisho umnotho ngoba kufa nemfuyo uma iphuza amanzi angahlanzekile. Kushayeka nezempilo abantu bagule, kuvalwe nezindawo zokubhukuda.”
Uthe ukushisa kakhulu, ukuguquguquka kwesimo sezulu, nokwanda kwemijondolo kunomthelela ekutheni amanzi angahlanzeki. Uveze nokuthi nokulima kunomthelela ngoba kuyenzeka amakhemikhali nomanyolo bangcolise amanzi. Uveze ukuthi bazibekele iminyaka emibili ukucwaninga ngezindlela zokuhlanza amanzi.
UMnyango uthe wakhula amanzi ekhiwa epitsini ngakubo, okungezinye zezizathu ezimnike umdlandla wokulwa nezinkinga zamanzi. Emuva kokuphothula u-matric eMfolozi High, wathola umfundaze woMnyango wezaManzi. Uqale waqashwa njenge-candidate scientist.
Isifiso sakhe ukuvakashela izikole aqwashise ngokongiwa kwamanzi nokuvikelwa kwawo. Uyingxenye yohlelo lo mnyango wakhe olubizwa ngeClear River, lapho kuhlanzwa khona imifula ezindaweni ezisemakhaya. Kulolu hlelo kuthathwa nezingane zesikole njengoba lwenziwa ngamaholidi.
UMnyango uneziqu zeBachelor of Science neHonours yeHydrology.