IVESI LOSUKU:
Impendulo: Uma ushada umuntu umshada nako konke okwakhe. Awukwazi ukuthanda unkosikazi wakho kodwa ungayithandi ingane afike nayo emshadweni. Nonkosikazi wakho ngokunjalo kumele akuthande nomthwalo ofike nawo.
Ingakho sihleze sithi umshado ufuna abantu ababili esebekhulile ngokomqondo. Akumelanga engabe nibanga ukuthi umntwana okabani kodwa kumele engabe nikhulisa abantwana benu bobabili. Le nto iqala ngezinto ezincane njengokuthi ayikho ingane kabani nekabani kodwa
Umbuzo: Ngingowesifazane oshade nendoda enezingane ezintathu. Sengihlale nayo isikhathi eside sengiyazi njengoba ngizazi. Umuntu wami akazwani nokutshelwa iqiniso. Uma ngimtshela ngezinto azenzayo engingazithandi kuvele kuxatshanwe into emnyama. Akanqeni nokungilwisa phambi kwezingane.
Kodwa into engixakayo ukuthi mhla efuna inkonzo yasekamelweni uzenza umuntu olungile emva kokuthola into ayifunayo abuyele kulo muntu engingamthandi, ngize ngithi mhlampe yingoba wazalwa esithenjini ngakho uzicabangela yena yedwa. Sengikhathele ukukhuluma into eyodwa naye.
Impendulo: Okubuhlungu ukuthi umshado awumshintshi umuntu. Uma ngabe ushade unenhliziyo embi umshado uzoyiveza obala inhliziyo yakho. Umyeni wakho udinga ukuzilungisa yena kuqala ngoba inkinga inaye uqobo. Njengokusho kwakho kungenzeka ukuthi indlela akhule ngayo yiyo le emenza umuntu ohlale efuna ukuzivikela ngasosonke isikhathi.
Akumelanga ukhathale ukulungisa izinto phakathi kwakho nomuntu omthandayo. Qhubeka nokumazisa umyeni wakho izinto ofuna azilungise ngaye. Ngeke kubelula ngakho kuzomele ube nesineke naye.
Umbuzo: Ngingumama osemcane nongene emshadweni senginengane yentombazane ena-15. Inkinga ingane yami ingitshele ukuthi umyeni wami unokuyibuka nokukhuluma ngendlela engayiqondi kahle. Uze asabe nokusala nomyeni wami yedwa endlini. Ngiyafuna ukuyikholwa ingane yami kodwa futhi ngiyamuthemba nomyeni wami. Ngiyazi akayena umuntu ongahlukumeza umntwana wami. Ungumuntu onothando nengimthembayo futhi.
Angazi noma ngikholwe ingane yami noma ngithembe umyeni wami. Ngenzenjani?
Igama ligodliwe
Impendulo: Into yokuhlukunyezwa kwabantwana akuyona into ekumele uyithathe kancane. Yisukumele le nto eshiwo wumntwana wakho ngokuthi uke uyibhekisise kahle. Zinike isikhathi sokuthi ubabhekisise kahle. Bheka indlela abenza ngayo uma bendawonye. Ngeke ungaboni mekukhona into eshaya amanzi. Kungumsebenzi wakho ukuvikela umntwana wakho ngisho kungathiwa umthemba kanjani umyeni wakho. Abantwana abaningi bahlukunyezwa abantu esibathembayo nesibathandayo futhi. Umntwana wakho uza kuqala kukho konke.
Sithumele imibuzo ku info@moandphindi.com Nisilandele ku For Better or Worse with Mo & Phindi ku Facebook naku Instagram