Ngiyinyathele emsileni ngolwaKwaMteyi
MHLELI: Ngiyacela noma ngabe isiqeshana ngincikise nakhu ngisha ngaphakathi enhliziyweni yami. Ngingumfana ongenalo uvalo, ngingumfana ongakwazi ukuthula nento emhluphayo.
Ngake ngabhala ngikhala ngabahlengikazi abasebenzela KwaMteyi emtholampilo, ngangikhala ngokunganakwa kweziguli, indaba ifikile kubo okuyinto enhle leyo ngiyajabula. Nakhu lapha engikhona ngabahlengikazi ukuthi bathi uma bethola lezi zindaba bahamba bebuza ukuthi konje yena muphi lo obhalile, sithini isimo sempilo yakhe.
Ngabe lokhu kuyinto vele abafundiswa yona ukuba bahambe befuna ukwazi ngezimo zempilo yabantu? Kanti uma ngiyile emtholampilo ngiyofuna usizo kubo bona abakuthola esigulini kuba yinto ezoba imvalamlomo, okusho ukuthi noma benzani kuzothulakala ngoba bazotshela abantu. Cha ngathi lo muntu enifuna ukwazi isimo sempilo yakhe akanaluvalo ngayo futhi usazoqhubeka akhale uma kufanele, ngaphandle kokwesaba futhi kokulandelayo igazi ngiyolithatha kini bese nisazi-ke isimo sami.
Kunekomiti elibekiwe laphaya kepha sengathi lenziwa izichuse ngoba alinamibono ababonisani lutho nalo uma kuziwa kumathende, kuqhamuka abantu esingabazi endaweni, kuthiwe bazogubha izihlahla kepha sinentsha egcwele engasebenzi emakhaya abayiniki ngani lowo msebenzi, ikhiphe lezo zihlahla abangazidingi? Kunenkohlakalo esisabhekene nayo, kunabasebenzi abalova izinsuku uma kuzofika umhloli bagcwalisiswa izikhala ababelove ngazo, baholela amahhala. Anginandaba nenzondo nokusatshiswa uma sizenza ongcwele, sibuka sixhashazwa, sisaba ukufa nenzondo, kusho ukuthi indawo yakithi nomtholampilo wakithi kusazoba yindawo nje yokudlala.
Mpha Omnyama Shabalala EMNAMBITHI