I-internet ingawehlisa umthwalo
BATHWELE kanzima osomabhizinisi baseNingizimu Afrika kwazise umnotho awukhuli kahle, abanye sebeze baphoqeleka ukuthi badilize abasebenzi.
UMnuz Claude Blatter oyinhloko yezokukhangisa kwaGoogle Africa, uthe osomabhizinisi kufanele babe namasu okubhekana nanoma yisiphi isimo ngoba amabhizinisi amancane yiwona adala amathuba amaningi omsebenzi,
Uveze ukuthi ukubhala izindaba zebhizinisi kwiinternet kuyasiza ukuthi nabanye ozakwenu bazi ngawe nemikhiqizo oyidayisayo. Ubalule ukuthi kwiGoogle bayakwazi ukwenzela osomabhizinisi THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook i-business (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma profile umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. mahhala, eyenza kube lula ukuthi bahehe amakhasimende. ngakho kubalulekile ukuthi ahlonyiswe ngamakhono.
UBlatter uthe osomabhizinisi kufanele bazijwayeze ukuzikhangisa kwiinternet, bafake nemininingwane yabo.
Wenze isibonelo sokuthi uma abantu bazi ukuthi ibhizinisi elithile livulile ngesikhathi esithile, kulula ukuthi bayothenga abakudingayo khona.
UBlatter uthe i-internet akufanele isetshenziselwe ukuxoxa izindaba ezingenasidingo kodwa osomabhizinisi kufanele bayisebenzisele ukwazi kabanzi amakhasimende abo ngoba ibanika ithuba lokuxoxa nawo ngqo.
“Uma usomabhizinisi enze i-business profile yethu kuba lula ukuthi ahehe amakhasimende nokuthi axhumane nawo. Isibonelo nje abantu abangena kwiGoogle bangaphezu kuka-100 billion ngenyanga. Uma imininingwane kasomabhizinisi itholakala kwi-internet, kulula ukuthi abantu baxhumane naye. Siyakwazi nokuthi osomabhizinisi bazenzele i-website yamahhala uma bekwi-platform yethu,” kusho uBlatter.
Uphethe ngokuthi kunezindlela ezehlukene abazisebenzisayo ukuqinisekisa ukuthi ibhizinisi ngelomuntu osuke efake imininingwane yalo, ukuqinisekisa ukuthi abantu abafaki imininingwane engesiyo yebhizinisi labo.