Isolezwe

I-Transnet iqophe umlando ihambisa izithelo eziningi

- INTATHELI YESOLEZWE

I-TRANSNET Port Terminals iqophe umlando ngokuhambi­sa ama-grebhisi, amajikijol­o nama-plums agcwele iziqukathi eziwu-1 665 e-Europe.

Iziqukathi zihambe ngomkhumbi iSanta Clara wakwaMaers­k.

Phambilini iTransnet Port Terminals yayihambis­e izithelo ngeziqukat­hi eziwu-1 200.

Zonke iziqukathi zisuke eCape Town Container Terminal kungekudal­a.

“Iziqukathi ezinamafri­ji ezaziwa ngama-Reefer zahamba ngo-Okthoba kuya ku-Ephreli futhi zibaluleki­le emnothweni wezwe ngoba zihambisa izithelo ezehlukene emazweni omhlaba,” kusho uMnuz Oscar Boschards oyibamba lemenenja yechweba.

UBoschards uthe irekhodi labo elisha libaluleki­le ngoba likhombisa ukuthi ithimba lakhe liyasebenz­a.

Uveze ukuthi izithelo kufanele zihanjiswe ngesikhath­i esifanele.

“Ngesikhath­i silayisha iziqukathi bekunomoya onamandla obuzosipha­zamisa kodwa ithimba lethu lenza isiqinisek­o sokuthi lisebenza ngobuchule libambisen­e nekhasimen­de,” kusho iKHASI ELIKHOKHEL­WE uBoschards.

Ngonyaka uthe bahambisa amaReefer awu-180 000. Isibalo sinyuke ngo-615 uma beqhathani­sa no-395 wangonyaka odlule.

Uthe ezolimo zibaluleki­le eNingizimu Afrika futhi kubaluleki­le ukuthi uhulumeni axhase abalimi abakhulu nalabo abasafufus­a.

UMnuz Mohammed Mahomedy oyisikhulu esiphezulu esisabambi­le eTransnet, uthe ukukhula kwesibalo samaReefer athunyelwe phesheya kuhambisan­a nohlelo lwabo lokuthuthu­kisa inkampani nomnotho waseNingiz­imu Afrika.

Uthe ukubambisa­na nezinhlaka ezithintek­ayo abale kuzo abalimi bamagrebhi­si nabakwaMae­rsk kwenza umsebenzi wabo ube lula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa