Unenkinga oyodlala eNew Zealand
ULIBONA lifezeka iphupho lakhe lokuphonsa itshe esivivaneni ekuthuthukiseni umbhoxo ube ngomunye wemidlalo edlalwa kakhulu ezindaweni nasezikoleni zabantu abamnyama, uNtokozo Vidima, onyelwe yinyoni esandleni ethola ithuba lokuyodlala umbhoxo wamaqembu eNew Zealand.
UVidima (24) uthole inkontileka yokuyodlala kwiWhakarewarewa, okuyiqembu lesizwe samaMaori, okuwuhlanga olumandla ezikwatini ze-All Blacks.
Leli bhungu laseGlenwood, okuyimanje lisethimbeni labaqeqeshi bombhoxo ne-basketball eGlenwood High, lithe ithuba lokuyosebenza naMaori lizolisiza kakhulu lithuthukise ulwazi lwalo lombhoxo elizimisele ukubuya lizolutshala eNingizimu Afrika.
“UMdali uke akuhlelele izinto ngendlela yakhe edidayo. Kufika leli thuba nje ngibuye ngo-2018 ngendlela engingayiqondi kwiFree State Cheetahs, lapho ngiqale khona umbhoxo okhokhelayo. Ngaphoxeka ngabuya ngazozingenela ekufundiseni nasekuqeqesheni, ngenhlanhla bangamukela eGlenwood njengomfundi wakhona. Sengiyabona kodwa manje ukuthi ngikhishwe nguye uMdali kwiCheetahs. Ubenohlelo ngami njengoba sekucaca ukuthi nasekuthuthukiseni abasebancane embhoxweni bekuwuhlelo lwakhe. Nguye futhi oseveza isu lakhe ngami ngale nyathuko yaseNew Zealand,” kusho uVidima, oke wadlala iCurrie Cup nePro14 kwiCheetahs.
Kutholoza isomi kuVidima kwazise udingeka endizeni ebheke eNew Zealand ngoMashi 17 ekubeni usehlanganise wonke amasenti anawo kodwa usashoda ngoR25 000.
“Bengingakadlali kakhulu kwiCheetahs kangangoba sekungathiwa bengihola izindodla zemali. Sengizamile ukubeka uzuka phezu komunye ngihlanganisela lolu hambo kodwa ngisala ngoR25 000 ngoba ususeduze uMashi 17. Emazingeni amaqembu lapho ngiyodlala khona eNew Zeland, akufani nakuma-Union anemali abezongiwelisa wona. Lapha kuthiwe angiziwelele sebeyongihlangabeza phambili. Okuhle wukuthi ngizofike ngithole nomsebenzi oholelayo ngakhona ngale kodwa okwamanje ngidinga uxhaso ngemali ukuze kufezeke iphupho lami. Mina sengiyobuya ngizonikela ngokuthuthukisa umbhoxo kwezabantu abamnyama,” kusho uVidima.
Eminyangweni leli bhungu elithembe ukungqongqoza kuyo kubalwa yona iGlenwood noMnyango weZemidlalo nokungcebelaka KwaZulu-Natal.
Nokho akukho okuphathekayo obekusavele kulezi zikhungo zombili nokwenza uVidima angenwe amanzi emadolweni.
“Nginxusa wonke umuntu ongaba nesandla ukuba angisize aphonse esivivaneni. Leyo mali anayo angathinta iGlenwood kube yiyo engamukelela yona. Lokho ngenzela ukuthi abantu bayethembe le nto yami. Akhona wonke amaphepha afakazela lokhu futhi ngingawaveza kunoba ngubani odinga ukuqinisekisa,” kusho uVidima.