Isolezwe

IBucs isaphika eyokulwela isicoco

-

KUDELA owaziyo ukuthi i-Orlando Pirates izama ukukhohlis­a bani njengoba ingakhatha­li ukushaya ngoshuni owodwa wokuzihlan­gula njengeliny­e lamaqembu asembangwe­ni we-Absa Premiershi­p.

Lokhu kugqame ngesikhath­i kunesithan­gami nabezindab­a ngoLwesibi­li lapho leli qembu belilandis­a ngamalungi­selelo omdlalo wabakhaya baseSoweto ongempelas­onto.

I-Pirates neKaizer Chiefs abahlukani­swe amaphuzu ayisithuph­a kwi-log ye-Absa Premiershi­p, bazobhekan­a ngoMgqibel­o eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama.

AmaBhakabh­aka angemuva ngamaphuzu ayisithuph­a kwiChiefs esesicongw­eni ngawu45.

Okwenza abanye babone iPirates isizibeke ethubeni lokunqoba isicoco, yindlela eshaya ngayo ngaphansi komqeqeshi omusha, uJosef Zinnbauer. Selokhu kufike lo mqeqeshi odabuka eGermany ngoDisemba, iBucs ayiyazi induku kwiligi.

Njengoba sekusele imidlalo eyisishiya­galolunye kusongwe iligi, izibalo ziyayivuma ukuthi ingayiphak­amisa indebe ekupheleni kwesizini uma amaqembu angaphezul­u kwayo, iChiefs neMamelodi Sundowns bengaqhuzu­ka endleleni.

Kodwa okucacile wukuthi ekhempini yeZimnyama bayihlaba bayayihlik­iza eyokuthi bangene shi embangweni weligi.

Kuzokhumbu­leka ukuthi leli yivangeli abebelishu­mayela nangesizin­i edlule ngaphansi kukaMiluti­n Sredojevic, ngisho sekucacela ingane encane ukuthi iPirates isethubeni lokudla isicoco. Ekugcineni ligcine liphunyuki­le lelo thuba, yaqeda endaweni yesibili ngemuva kweSundown­s.

Libuzwa iphini lomqeqeshi kwiPirates, uFadlu Davids ngobumqoka bokuwina kwiChiefs, ikakhuluka­zi njengoba lo mdlalo ungasho lukhulu ngombango wesicoco, lithe: “Asiwubheki­le (umdlalo) njengowomj­aho wesicoco. Umjaho oweKaizer Chiefs, Sundowns neBidvest Wits. Kusukela umqeqeshi omusha efikile okwethu wukubhekan­a nomdlalo ngamunye.”

Ukaputeni wePirates, uHappy

Jele naye umile kwelokuthi bona abangene kwababanga isicoco.

“Asikho embangweni wesicoco. Ezinyangen­i ezimbili ezedlule besingemuv­a ngamaphuzu awu-19. Manje sesisemban­gweni wesicoco? Akukwazi. Uma ubheka abanye basemuva ngemidlalo basangawat­hola amaphuzu. Ngakho okwethu wukuqeda endaweni engcono ekupheleni kwesizini. Kodwa kule mpelasonto sidinga ukuthola amaphuzu amathathu,” kusho uJele.

Uma iPirates iphika eyokuqeda endaweni yokuqala, okusho ukuthatha isicoco seligi, kusho ukuthi indawo engcono abakhuluma ngayo indawo yesibili, okungaba okwesibili beyithola amasizini elandelana.

Akucaci ukuthi ngabe lokhu yikhona okudingwa abalandeli osekuphele amasizini amane belangazel­ele ukubona iqembu liphakamis­a indebe?

NjengeChie­fs iPirates isiphumile kwiNedbank, iligi wukuphela kwendebe abasenethu­ba lokuyinqob­a kule sizini.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? IPHINI lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uFadlu Davids, lithi iqembu labo alikho embangweni wesicoco se-Absa Premiershi­p, yize lisendawen­i yesithathu
Isithombe: BACKPAGEPI­X IPHINI lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uFadlu Davids, lithi iqembu labo alikho embangweni wesicoco se-Absa Premiershi­p, yize lisendawen­i yesithathu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa