Owe-Arrows ufuna ukulwa neHighlands
UMDLALI wasesiswini weLamontville Golden Arrows, uLindokuhle Mtshali, oya ngokudlondlobala kusukela efikile kuleli qembu, akanaso isilonda ngokuthi usale ngaphandle esikwatini sabazodlala kuma-Olympic eJapan kulo nyaka.
Ngesonto eledlule umqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under 23, uDavid Notoane, umemezele iqembu labadlali abangu-78 azogcina ekhethe kulona azoya nalo eTokyo.
UMtshali (21) yisizini yakhe yokuqala lena edlala esigabeni esikhulu njengoba ejoyine i-Arrows ekuqaleni kwesizini, esuka kwiReal Kings edlala kwiGladAfrica Championship.
Yize esemusha kodwa ungomunye wabadlali abagqamile kwi-Arrows ezithola ilwela ukuqinisa indawo yayo kwiTop 8 kwi-Absa Premiership.
“Ngizoqhubeka ngilwe. Kungenzeka ukuthi isikhathi sami besingakafiki. Ngeke ngiphoqe izinto. Sizofika uma sebengidinga noma-ke ngingene kwiBafana Bafana,” kusho uMtshali ozalwa KwaMaphumulo.
Okwamanje, esalinde ithuba lakhe lokubizelwa emaqenjini esizwe, uMtshali ugxile futhi ulangazelele ukusiza iqembu lakhe libuyise izinduku kwiHighlands Park uma sebedlala nayo koweAbsa Premiership.
Umdlalo ungoMgqibelo eSugar Ray Xulu, eClermont, ngo-3.30 ntambama. Emlenzeni wokuqala Abafana Bes’ thende baguqa 2-0 ekuhambeni.
Lo mdlalo usemqoka kuwona womabili amaqembu njengoba ehleli ngokulandelana kwi-log.
I-Highlands ibambe indawo yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu awu-30. I-Arrows inamaphuzu alinganayo endaweni yesishiyagalombili.
“Siyabahlelela. Sobabili silwela ukungena kwiTop 8. Ngicabanga ukuthi yiyona into abazobe beyilwela. Basidla emzuliswaneni wokuqala. Nathi kumele sibadle,” kusho uMtshali.
Lo mdlali wayengekho emdlalweni abashaywa kuwona.
“Ngangilimele kodwa ngiyabazi ngoba kade sasidlala nabo kusukela kwiNFD. Yisona isikhathi sokuthi siziphindiselele lesi ngoba nabo bakusebenzisa ukuthi babedlalela ekhaya. Ngizizwa ngiwumqemane, ngithemba ukuthi ngizokwazi ukudlala ngempelasonto.”
UMtshali ubonge umqeqeshi uSteve Komphela ngokumkhulisa endleleni adlala ngayo. “Ungisize kakhulu ukunyusa izinga lami lokudlala, ngikwazi ukuba ngumdlali. Sengiyakwazi ukusiza uma simaka kanjalo noma kuhlaselwa. Kuyangijabulisa ukuthi ngihlezi ngikhona eqenjini,” kusho uMtshali osenemidlalo ewu-14 kwiligi. Udlale kwemithathu kwiTelkom Knockout nowodwa kwiNedbank Cup.