OweBay FC udangele ngokusala kwelikaNotoane
UMGADLI weRichardsBay FC, uKhanyisa Mayo, uphoxekile ngokungamenyezelwa esikwatini seqembu lesizwe lika-Under 23 sikaDavid Notoane lapho ememezele khona abadlali abangu-78 abazobanga izikhala ezingu-23 njengoba kubhekwe kuma-Olympic azoba seTokyo, eJapan, ngoJulayi.
Ngokusho kukaMayo, nakuba edangele ngokusala kodwa lokho akuzomenza ehlise indlela adlala ngayo, empeleni uyakhuthazeka ukuthi ahlohle amagoli kakhulu kunakuqala.
UMayo (21) usevalele phakathi amagoli ayisishiyagalombili kwiGladAfrica Championship.
Kula magoli kubalwa amahlanu awashaye esekwiRoyal Eagles, namathathu awashaye kwiNatal Rich Boyz.
Engxoxweni uMayo abe nayo naleli phephandaba, wakubeka kwacaca ukuthi njengoba edlalele amaqembu esizwe emazingeni aphansi, unesifiso sokukhuphukela kwi-Under 23.
“Umqeqeshi weqembu lesizwe (uNotoane), uyaxhumana nabaqeqeshi nabaphathi beBay, ezwe ukuthi ngidlala kanjani. Vele ngiyafisa ukudlalela iqembu lesizwe, kuyiphupho lawo wonke umdlali. Okubalulekile ukuthi ngiqhubeke nokushaya amagoli, ngilekelele iqembu lami ngoba sifuna ukuqeda endaweni enhle kwiGladAfrica Championship,” kulandisa uMayo.
Izolo leli phephandaba libe nengxoxo noMayo, nalapho ekuveze khona ukuthi noma ephoxekile kodwa kusengenzeka noma yini kulezi zinyanga ezisele ngaphambi kwama-Olympic.
“Yebo ngiphoxekile impela kodwa lokho akusho ukuthi kuphelile. Kusengenzeka noma yini kulezi zinyanga ezisele ngaphambi kwama-Olympic. Empeleni mina ngiyakhuthazeka ukuthi ngishaye amagoli, ngidlale kahle ukuze ngizophinde ngithathe iso lomqeqeshi welesizwe. Ngiyakujabulela ukuthi ngisemncane futhi kufanele ngikusebenzise ukuthi ngisemncane ngendlela efanele,” kusho uMayo izolo.
Umdlalo olandelayo weBay izowudlala nabakhaya iRoyal Eagles ngesonto elizayo eMhlathuze Sports Complex ngoMashi 8.
Imidlalo yeGladAfrica Championship:
Kusasa: Cape Umoya United v Tshakhuma Tsha Madzivhandila (Athlone Stadium, 3.30pm)
NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama: Free State Stars v Real Kings (Goble Park); Uthongathi FC v Pretoria University FC (Princess Magogo Stadium); Mbombela United v JDR Stars (Kanyamazane Stadium); Steenberg United v Richards Bay (Athlone Stadium)
NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Jomo Cosmos v Ajax Cape Town (TBA); Royal Eagles v Swallows FC (Harry Gwala Stadium); TS Galaxy v TS Sporting (Kameelrivier Stadium)