Umjaho umvule amehlo uGlenrose Xaba
UVULEKE amehlo umgijimi waseNingizimu Afrika uGlenrose “Supercharger” Xaba ngokumele akwenze ukuze afeze iphupho lakhe lokubuya kwiWorld Athletics Half-Marathon Championships ebalwa okungenani kubagijimi besifazane abawu-10 abaphambili emhlabeni.
Ngempelasonto edlule uXaba uphume endaweni yesithathu kwiNapoli City Half Marathon, e-Italy. Akagcinanga ngokuthola indawo enhle kodwa uphinde wenza kangcono isikhathi sakhe kwi-21km, eshaya u-69.30.
Ngokusho komqeqeshi wakhe uMichael “Sponge” Seme, ukuya kulo mjaho kumkhanyisele ngokumele akwenze uma esegijima eGdynia, ePoland, lapho kuzobanjelwa khona amaWorld Champs ngoMashi 20.
“Sijabule kakhulu (ngokuphuma indawo yesithathu). Nakhona kusize ukuthi ukwazile ukulandela uhlelo lwethu lokuziqeqesha. Lo mjaho ubuyingxenye yamalungiselelo. Sijabule ngokuthi awuthole njengoba umnikeze ithuba lokuyogijima nabagijimi abasezingeni eliphezulu. Kuzosiza uma eseya kumaWorld Champs angafiki khona enovalo,” kusho uSeme.
Uthe njengoba sekusele amasonto ambalwa kuyiwe ePoland, bazosebenzisa ulwazi uXaba abuye nalo eNapoli ukwenza izinguquko endleleni aziqeqesha ngayo.
“KumaWorld Champs sibheke okungenani ukuthi enze u-67:00 okuyisikhathi okungenzeka ukuthi okungenani simnikeze iTop 10. Ngesikhathi ebuya usitshelile ukuthi ukuthole kunzima ukumelana nalaba abanye abagijimi abaphezulu ngoba bekuthi njalo ngemuva kuka-2km banyuse igiya.
“Lokhu bebekwenza ngoba befuna ukubona ukuthi yibaphi abagijimi abazokwazi ukumelana nejubane labo. Sesimnikezile uhlelo olusha azoziqeqesha ngalo ukuze akwazi ukumelana nalokhu ngoba abagijimi ezingeni eliphezulu basebenzisa amaqhinga amaningi ukuzama ukuchitha izimbangi,” kusho uSeme owuqweqwe lomqeqeshi oselukhiqize abagijimi abasezingeni eliphezulu kuleli okukhona uCaster Semenya noStephen Mokoka.
UMokoka ukhona esikwatini esiya ePoland noPrecious Mashele,
Desmond Mokgobu, Joel Mmone noMbuleli Mathanga. Abanye besifazane, uGerda Steyn, Janel Mbhele, noLebo noLebogang Phalula.