‘Kuyasisebenzela ukuthi senza izinto ngokubambisana’
INJINI yeCell C Sharks uThomas Du Toit, iveza imfihlo eyenza iqembu laseThekwini livuthe lingabaselwe kwiVodacom Super Rugby selokhu kuqale isizini.
ISharks imangaze abaningi inqoba imidlalo emithathu kwemine selokhu kuqale isizini.
Ukudlala kahle ngale ndlela kweSharks sekuyibeke endaweni yesihlanu kwi-log ehlanganisa wonke amaqembu kwiSuper Rugby.
Sekuphele inyanga iSharks iphesheya kwezilwandle idlala namaqembu aseNew Zealand naseAustralia.
Izovala uhambo ngokubhekana neReds yase-Australia ngoMgqibelo. Umdlalo uzoba seSuncorp Stadium ngo-10.15.
UDu Toit uthe imfihlo yabo eyenza baphumelele wukuthi benza izinto ngokubambisana futhi okungabasebenzeli bayakuyeka.
“Sisajwayelana impela kodwa kuza kahle impela nathi sijabule. Ngicabanga ukuthi okusisebenzelayo wukuthi silungisa amaphutha abesilimaza eminyakeni edlule. Uma into ingasisebenzeli, siyayiyeka, senze okusisebenzelayo. Kuyathokozisa ukuthi ngidlala noqweqwe lwe-prop u-Ox Nché oyinkunzi kule ndawo,” kusho uDu Toit ese-Australia.
Ngeledlule iReds ishaye kabuhlungu iSunwolves yaseJapan ngamaphuzu ngo 64-5.
UDu Toit uthe kungenzeka iReds ize kubo ivutha bhe ngenxa yokuthi ibukise ngeSunwolves.
“Badlala ibhola lombhoxo elihle kakhulu futhi ama-forwards abo azosiphonsela inselelo. Kodwa bayadlala uma becabanga ukuthi sizobabukela, njengama-forwards sizobajaha koze kube yiyo leyo ndaba. Eminyakeni edlule besiyeka amaqembu azenzele umathanda, sizame ukuwavimba kodwa thina singazihluphi ngokuthi nawo asivimbe ahlukumezeke. Konke lokho kushintshile manje,” kulandisa uDu Toit.
“Asisiningi isikhathi esisichithe ndawonye njengeqembu njengoba kungakapheli nezinyanga eziyisithupha,” kusho uDu Toit.